Lubhalwe nguLungani Zungu
Ukuthunyelwa kukaMnu Sihle Zikalala ePhalamende kuqubule izinkulumo zokuthi lowo owayenguNdunankulu waKwaZulu-Natal angase abe uNgqongqoshe.
Kulindeleke ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa ashintshe ikhabhinethi yakhe emasontweni azayo.
Sidinga ukuvalwa isikhala esashiywa ngowayenguNgqongqoshe wezaBasebenzi bakaHulumeni nokuPhatha, u-Ayanda Dlodlo owashiya umsebenzi wakhe kwikhabhinethi wathola isikhundla eBhange loMhlaba ngoMbasa. IPhini likaMengameli we-ANC, uMnu Paul Mashatile naye kuvele ukuthi ukubheke ngabomvu ukuvala isikhala sikaDavid Mabuza.
Abanye oNgqongqoshe bekhabhinethi bengahle bekhishwe kanti lokho kuzophendla indlela yokuthi kufakwe oNgqongqoshe abasha.
Omunye ophumile kwikhabhinethi uFikile Mbalula – owaqokwa esikhundleni sikaNobhala Jikelele ngokugcwele engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC ngoZibandlela – okusho ukuthi kumele ayeke umsebenzi wakhe wokuba uNgqongqoshe wezokuThutha.
UZikalala owayenguSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal wake waba umsekeli omkhulu kalowo owayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma kodwa washintsha ukwethembeka kwakhe weseka uRamaphosa ngemuva kwengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC ngo-2017.
Kusukela lapho kwadingeka ukuthi agweme ukugxekwa iqembu elingaphakathi kwi-ANC elizibiza nge-RET elihambisana noZuma elihlezi limsola ngokukhaphela uZuma.
Intukuthelo ebibhekiswe kuZikalala imenze wahluleka ukugcina isikhundla sakhe njengoSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal engqungqutheleni yokukhetha ubuholi besifundazwe ngoNcwaba nyakenye. Wahlulwa uSboniso Duma owayengaziwa ngaleso sikhathi.
Ubuholi obusha be-ANC ngaleso sikhathi bamxosha njengoNdunankulu ngemuva kwengqungquthela bamjuba njengoNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
Kodwa-ke, ukuzihlanganisa kwakhe neqembu eleseka uRamaphosa kube nezithelo ezinhle ngemuva kokuthi eqokwe njengowokuqala esigungwini esiphezulu se-ANC esinamalungu angu-86 ngamavoti angu-2,218. IKomiti eliPhezulu likaZwelonke liyisigungu esiphezulu esithatha izinqumo kwi-ANC uma kunezingqungquthela.
UZikalala usebenze njengoNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu wase esula kulesi sikhundla namuhla.
Ngaphambi kwalokho uke waba uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal kulokho okwathathwa njengokungena kwakhe kuhulumeni kulandela ukukhethwa kwakhe njengoSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal ngo-2015.
Ngaphambi kwalokho uZikalala wayengenalo ulwazi ngohulumeni. “I-ANC ihalalisela iqabane uSihle Zikalala ngokusebenzela inhlangano ngendlela emangalisayo,” kusho i-ANC KwaZulu-Natal.
UNdunankulu uNomusa Dube-Ncube uzoqoka uNgqongqoshe omusha ozovala isikhala sikaZikalala.
Esithombeni esingenhla: OwayenguNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu Sihle Zikalala
Umthombo wesithombe: @sziks