Owe-Afcon ugcwele izihlabani ezingazalelwanga ezwenikazi lase-Africa

I-Africa Cup of Nations (Afcon) ihlanganisa ingxubevange yamathalente okuhlanganisa nabadlali abafana no-Ademola Lookman owazalelwa futhi  wakhulela e-England, nakuba engowase-Nigeria.

Lokhu yinto ejwayelekile ebholeni lase-Afrika. Izihlabani zebhola ezifana nokaputeni we-Senegal uKalidou Koulibaly noSebastien Haller wase-Ivory Coast bobabili bazalelwa e-France.

Cishe ingxenye yesithathu yabadlali be-Afcon abangu-629 bazalelwe ngaphandle kwase-Afrika.

Amazwe afana ne-Cape Verde, i-Algeria, ne-Cameroon anamaqembu agcwele kakhulu abadlali abakhulele phesheya, okuwumehluko omkhulu uma uqhathanisa namaqembu afana ne-Egypt neNingizimu Afrika athembele ethalenteni lasekhaya kuphela.

Lokhu sekudale inkulumo-mpikiswano ethi: ingabe kufanele sibamukele abadlali abangaxhumene namagugu abo ngokuphelele ngokuzalelwa phesheya, noma lokho kufiphalisa ithalente lamazwe abo?

UDkt Gerard Akindes usolwazi wezemidlalo, uveze umsuka walokhu wathi kudalwe ukufuduka okuthonywe izingcindezi zezomnotho kanye nefa lamakholoni, kubika i-Athletic.

Abadlali abaningi base-Afrika bathuthukise amakhono abo ebholeni ngoba bakhulele emazweni anengqalasizinda yezemidlalo engcono kunaleyo esezwenikazi i-Afrika.

I-Royal Moroccan Football Federation iqasha abadlali abazalelwa phesheya kodwa abanamalungu omndeni azalelwa e-Morocco.

Umqeqeshi we-Morocco, uWalid Regragui ugcizelela ubumbano phakathi kwabadlali, kungakhathalekile ukuthi bazalelwa kuphi.

Ukuphumelela kwe-Nigeria kulo mqhudelwano kungenxa yesihlabani somdlali esifana noLookman owazalelwa e-Britain.

Nokho-ke, ukuthembela kubadlali abadabuka kwamanye amazwe kuphinde kugqamise imizabalazo yamaligi asekhaya e-Afrika ahlulwa izinhlelo zase-Europe ezinezinsiza ezingcono.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: U-Ademola Lookman. 

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva