
Kamogelo Olaitan
Isiboshwa esazishintsha ubulili kubikwa ukuthi sikhulelise iziboshwa ezimbili zabesifazane ejele lase-New Jersey eMelika.
Izikhulu zejele lase-Edna Mahan zibike ukuthi ukuzibandakanya kwabo ocansini babevumelene.
Lesi sikhungo siqale ukuhlalisa iziboshwa ezishintsha ubulili ngonyaka odlule okuhlanganisa nalezo ezingakahlinzwa. Njengamanje lesi sikhungo sineziboshwa ezingu-27 ezishintshe ubulili.
Ngokombiko wephephandaba i-Daily Mail uDemetrius Minor oneminyaka engu-27 ozibiza ngoDemi udonsa iminyaka engu-30 ngokubulala owayengubaba wakhe ongamzali uTheotis Butts.
Uphinde adonse isigwebo seminyaka eyishumi ngesikhathi esisodwa ngesigameko sokudunwa kwemoto esenzeka emasontweni ambalwa ngaphambi kwesigameko sokubulala.
UMinor uvumile ngokukhulelisa iziboshwa ezimbili.
Esinye seziboshwa esikhulelwe uLatonia Bellamy oneminyaka engu-31 oboshwe ngamacala okubulala abantu ababili ngonyaka ka-2010 ubhale indaba kwi-website esho ukuthi akazange adlwengulwe.
Endabeni eku-inthanethi enesihloko esithi “Inkululeko, Uthando, Ukukhulelwa Nokuhlukumezeka”, uBellamy wabhala ngosonhlamvukazi ethi “ANGIZANGE NGIDLWENGULWE futhi angiphoqwanga ukwenza noma yini engangingafuni ukuyenza.”
Uqhube wathi noma ubudlelwano bocansi bekungavunyelwe wathandana futhi waya ocansini bevumelene nowesifazane owayezishintshe ubulili.
Ijele lase-Edna Mahan aliqali ukuphikisana ngaloludaba.
Ngo-2021 iziboshwa ezimbili zafaka icala enkantolo zizama ukuchitha inqubomgomo kamazisi wobulili ejele zithi zihlukunyezwe iziboshwa ezishintsha ubulili.
UMengameli wenyunyana emele abaphathi bezokuhlunyeleliswa kwezimilo uMnu William Sullivan esitatimendeni uthe bayaphikisana nokushintshwa kwenqubomgomo.
Uthe bakholwa ukuthi lokhu kuzolimaza isibalo sabesifazane ababoshwe ejele i-Edna Mahan kuphinde kufake nengcindezi emaphoyiseni afakwe ejele.