Arthur Greene
Selokhu idolobha lase-Kabul liwele kuhulumeni obusa ngomthetho we-Taliban kulenyanga, uPaul Farthing usebenza kanzima engakhathali ukuzama ukuthola indlela yokuphumisa abasebenzi bakhe e-Afghanistan njengoba becuphe endaweni yakhe ayakhele izilwane.
Ngemuva kokuba enzele abasebenzi bakhe abangama-68 ama-visa aseMelika nemindeni yabo, lo owayeyisosha usesebenza ngokuzikhandla ukusindisa izinja eziyi-140 namakati angama-60 aphansi kwesandla sakhe.
UFarthing wasungula ikhaya lezilwane elibizwa nge-Nowzad endaweni yase-Kabul ngemuva kokulwela idolobha lakhe esayisosha lase-British ngowezi-2000.
NgoMsombuluko wayejabule kakhulu ukutshela abasebenzi bakhe abangama-68 ukuthi imvume yabo yokuya eMelika bephephile bazoyithola.
UNgqongqoshe waseMelika ube esetshela uFarthing ukuthi angeke akwazi ukuhamba nezilwane njengoba uhulumeni uthe okusemqoka ukususwa kwabantu besilisa, abantu besifazane kanye nezingane abadinga ukuphuma esangweni lesikhumulo sezindiza e-Kabul.
Abaseka uFarthing bamemezele ngoLwesibili ukuthi indiza efakelwe umnikelo ngasese ikulungele ukuthatha abasebenzi bakhe nezilwane zakhe.
UNgqongqoshe wezokuvikela uBen Wallance uthe awukho umlingo abangawenza ukuba indiza isuke endaweni evulelekile.
Utshele i-Sky News ukuthi indiza eqashiwe izovimba isikhumulo sezindiza ihlale lapho ingenamuntu, ngesikhathi izinkulungwane zabantu zizama ngayo yonke indlela ukuphuma ezweni lase-afghanistan.
NgoLwesithathu ekuseni uWallace ubhale ku-twitter ukuthi uma ngabe uFarthing efika esikhumulweni sezindiza yase-Kabul nabasebenzi bakhe nezilwane izikhulu zaseMelika zizobasiza ukuba bafike kwindiza ezobe ibalindile.
Uphinde wathi uma uFarthing efika nabasebenzi bakhe kuphela ngaphandle kwezilwane bazokwazi ukungena kwindiza enabashayeli bezindiza baseMelika.
Ufarthing uke wathi ngaphambilini amakati nezinja angeke agibele la okumele kuhlale khona abantu, kodwa zizofakwa kwi-aircraft hold.
Umthombo wesithombe: @wednesdayjojo