Owayeyisoka likaNgqongqoshe ulobizela isikhundla kwi-ANC

Celani Sikhakhane

Owayeyisoka lalowo owayenguNgqongqoshe wezokuXhumana uDina Pule ugaqele isikhundla esiphezulu ku-ANC.

UPhosane Mngqibisa wayezithamundela amathenda emnyangweni owawuphethwe uPule nokwaholela ekutheni aphume esikhundleni. UMngqibisa odume ngokuthanda imali manje kuthiwa ufuna ukuba nguMgcinimafa we-ANC esifundeni esekhulu saseGoli.

UMngqibisa ongundabamlonyeni wake waba sematheni ngezinsolo zokubandakanyeka kwakhe ecaleni lokubulala umakadebona we-ANC uBen Turok owayengusihlalo wekomiti lePhalamende le-Ethics Committee elaliphenya ngokungaziphathi kahle kukaPule.

Ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC bekumele ihlale ngomhlaka-14 kuNhlaba kodwa kudingeke ukuthi ihlehliswe ngemuva kwezingxabano eziqubuke emagatsheni ahlukene.

Ngo-2013 nango-2014, kwatholakala ukuthi uMngqibisa wahlomula ngendlela engafanele emathendeni oMnyango wezokuXhumana owawuphethwe yintombi yakhe uPule owayenguNgqongqoshe.

Umbiko wowayenguMvikeli woMphakathi ngaleso sikhathi, u-Adv Thuli Madonsela, uveze ukuthi ukuqokwa kwenkampani kaMngqibisa kwi-ICT Indaba eyayiseKapa ngo-2012 kwatholakala inokushayisana.

Umbiko kaMadonsela uphinde waveza ukuthi uMngqibisa wathengela uPule izicathulo ezibizayo ngemuva kokuthi emsize ekutholeni ithenda yezokuxhumana kanye noxhaso oluzimele.

UMngqibisa akalona iyilungu lokuqala le-ANC ukubanga lesi sikhundla njengoba kuke kwasuka umsindo ngaso.

USihlalo wesifunda saseThekwini uNkk Zandile Gumede, uSihlalo wesifunda saseMalahleni uDkt Ntuthuko Mahlaba, uMgcinimafa eMpumalanga uMnu Mandla Msibi bangabanye babaholi abaphumelele ukubusa ngaphansi kombango.

UMngqibisa uphinde amatanyiswe noNobhala-Jikelele we-ANC osamisiwe uMnu Ace Magashule.

Kuthiwa weseka uLebogang Maile ofuna ukuba nguSihlalo we-ANC esifundazweni saseGoli.

Izihloko zakamuva