Owayeyisoka lakudala uthumele “isipho” sezinhlamvu kuBuhle ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokudutshulwa kukanina

Doreen Mokgolo

Usongo belucacile: ibhokisi elihle ebelithunyelwe kuBuhle Skhosana, lisongwe kahle futhi lihlotshisiwe – belinezinhlamvu ngaphakathi ebhokisini kanye nencwadi emsongelayo ngokufa.

Kodwa ngemuva kwezinsuku ezimbili, umama kaBuhle udutshulwe wabulawa. Umndeni ukholelwa ukuthi izinhlamvu ebezenzelwe uBuhle zithole umama wakhe, uJohanna.

Isipho kanye nosongo oluyingozi olulethwe ngoLwesihlanu olwedlule, luqhamuke kowayeyisoka likaBuhle.

NgeSonto ebusuku ngesikhathi umndeni udla isidlo sasebusuku futhi ubukele izinhlelo zawo eziyintandokazi kumabonakude, kufike amadoda ashaya umnyango. Kube sekuqhuma isibhamu kwathi uJohanna wadutshulwa wabulawa egumbini lokuhlala umndeni.

UBuhle uthe selokhu ahlala esovalweni selokhu alahla isithandwa sakhe enyangeni edlule.

“Ubefika lapho engisebenza khona akhononde ngozakwethu besilisa engingabangani nabo,” esho.

“Emasontweni amabili edlule wa-hacker umakhalekhukhwini wami walalela izingcingo zami, wafunda nemiyalezo yami ka-WhatsApp. Wayengibuza ngabo bese engihlasela.”

Ukholelwa ekutheni isoka lakhe belicabanga ukuthi ubesevele esebuyile emsebenzini ngesikhathi sokudutshulwa.

Laba abebethandana kusolwa ukuthi babe nengxabano emini owesifazane wabe esesabisa ngokuyisa izinhlamvu emaphoyiseni.

“Ngicishe ngasifica isehlakalo,” esho.

Umfowabo kaBuhle, uSphiwe uthe ngesikhathi kungqongqoza umuntu ngeSonto ebusuku umama wakhe uyena ovule umnyango.

“Umuntu obengaphandle ube esewuphusha wavula ngendluzulu waqala wadubula. Ngigijime ngayovikela abashana bami ababili abancane,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa ase-Tsakani, uSayitsheni uLerato Mngomezulu uthe baphenya icala lokubulala.

“Akukaboshwa muntu okwamanje, sicela noma ngubani ongaba nolwazi lokuthi umsolwa ukuphi athinte amaphoyisa ase-Tsakani,” kusho yena.

Izihloko zakamuva