Owayeyisilomo seBafana usengene emkhakheni wokuqeqesha

Linda Ximba

Isilomo seBafana Bafana nowayengumdlali wasemuva ku-Orlando Pirates uSiyabonga Sangweni uzongena kwezokuqeqesha ngonyaka ozayo.

USangweni uthathe umhlalaphansi ngo-2016 kanti ubematasa nomqhudelwano wezemidlalo waminyaka yonke awudlalela endaweni yangakubo eDondotha e-Richards Bay ogwini olusenyakatho neKZN.

“Baningi abantu abebengijahe ukuthi ngiqeqeshe kanti ngonyaka ozayo isikhathi esifanele.”

Bekumele aqale izifundo zokwethula ngenyanga edlule, kodwa izinsuku bezishayisana nomcimbi wesintu womndeni.

“Ngibona sengathi ulwazi lwami olukhulu ngezemidlalo lungazuzisa amaqembu amaningi.”

Kule mpelasonto ubese-Richards Bay ehambele imidlalo yama-Salga okuyilapho bekuhlanganyele oMasipala abane besifunda iKing Cetshwayo. Le midlalo bekuhloswe ngayo imidlalo yesifundazwe ezoba se-Newcastle ngoZibandlela.

Khonamanjalo uSangweni unikeze amazwi okuseka kanye nokugqugquzela umdlali wasemuva omusha we-Pirates uNkosinathi Sibisi ngemuva kokuthi lowo owayengukaputeni we-Golden Arrows egeje iphenalthi bebhekene naMaZulu enkundleni yase-Orlando ngoLwesihlanu.

Ukuphuthelwa kwakhe ikhona okuholele ekutheni i-Pirates idlale ngokulingana. 

Ngemuva komdlalo uSibisi ubebukeka ezisola futhi ephatheke kabi, kodwa uSangweni uthe lo mdlali wasemuva kumele azithintithe abuye ngamandla.

“Ngisho nabadlali abasezingeni eliphezulu emhlabeni bayawageja amaphenalthi.”

“USibisi kumele aphakamise ikhanda. 

Esikubonile kuze kube manje kule sizini udlale kahle kanti futhi ukubizwa kwakhe kuBafana Bafana kukhombisa ukuthi unalo ikhono.”

Isithombe esingenhla ngesaSiyabonga Sangweni

Umthombo: Soccer Laduma

Izihloko zakamuva