Owayeyisihlabani sebhola uyahlukanisa nonkosikazi wakhe

Dylan Bettencourt

Owayengumdlali webhola wase-Italy uFrancesco Totti uthathe izikhwama  nezicathulo zikanokusho zikankosikazi wakhe ngemuva kwezinsolo zokuthi ubaleka namawashi akhe e-Rolex.

Owayengumdlali webhola lezinyawo osethatha umhlalaphansi uTotti uyadivosa nonkosikazi wakhe u-Ilary Blasi.

Kodwa-ke umshado wabo weminyaka engu-17 ubukeka usuzophela njengoba kuvela imibiko yokungathembeki kanye nokweba, kubika i-The Times.

Iphephandaba lase-Italy lizame ukuchaza ukuthi lishube kangakanani uqhekeko phakathi kwalaba abashadile ngokubhala ukuthi “ukuhlukana kwabo kwengeza umuzwa wokuthi umhlaba usuzophela”, kubika i-La Stampa.

Enkundleni yebhola lezinyawo uTotti ubeveza isithombe sokwethembeka, njengoba adlalela i-Roma kuwo wonke umsebenzi wakhe weminyaka engu-24 naphezu kokufunwa ngamaqembu amaningana ayezimisele ngokuchitha imali eningi kuye.

Kodwa-ke, lokho kwethembeka kubonakala sengathi kuyinto ayeyenza kuphela enkundleni yebhola njengoba imibiko ekuqaleni kwalo nyaka ithe uTotti uthandana nomunye wesifazane.

Ezama ukuziphendulela uTotti uthe uthole imiyalezo emtshela ukuthi unkosikazi wakhe uthandana nomqeqeshi wakhe.

UTotti ube eseveza ukuthi umkakhe uBlasi ubaleke namawashi akhe e-Rolex kanti lokho kumphoqe ukuthi afihle izinto zikankosikazi wakhe eziyigugu.

“Bengingenzani? Ngifihle izikhwama zakhe ngethemba lokuthi sizoxoxisana,” kusho yena etshela i-Corriere della Sera.

UBlasi ube esehlekisa ngalolu daba, wafaka ividiyo yakhe ku-Tik Tok ecwayiza ngaphandle kwesitolo sakwa-Rolex.

Kodwa njengoba isehlukaniso sabo sizongena enkantolo maduze, zombili izinhlangothi seziqashe abammeli abasezingeni eliphezulu.

Laba banezingane ezintathu ezineminyaka eyisithupha, engu-15 kanye nengu-16. Ummeli kaTotti u-Annamaria Bernardini de Pace uthi izingane ngeke zithinteke kulokhu kuhlukana.

“Lokhu ngeke kube inkinga ezinganeni,” esho.

Isithombe esingenhla: UFrancesco Totti no-Ilary Blasi

Umthombo wesithombe: @UnaDonna

Izihloko zakamuva