Lubhalwe nguSbongile Nonyana
ULebohang Manamela (40), wake wahlukumeza umphakathi wangakubo njengesigebengu esasihlezi sihlomile, kodwa manje useshintshe izindlela zakhe zobugebengu waba umfundisi.
UManamela waseWinterveld eSoshanguve waqala ukweba eneminyaka eyisithupha nje kuphela, ethatha amapensela kwezinye izingane esikoleni. Esikoleni esiphakeme wayesethatha ngozwane kothisha bakhe.
Ngesikhathi eneminyaka engu-16 ubudala, wazibandakanya emacaleni anzima afana nokweba izimoto nokugebenga ehlomile.
“Konke lokhu ngikwenze ngoba ngifuna ukwaziwa nami,” kuchaza uManamela, evuma ukuthi wayengaphatheki kabi ngezenzo zakhe ngaleso sikhathi.
Ngo-2002, eneminyaka engu-16 ubudala, uManamela waboshelwa ukuphanga ehlomile, ukuduna izimoto, ukubulala nokuzama ukubulala.
“Ngeke ngikwazi ukukhuluma kakhulu ngesigameko sokubulala ngoba umndeni walowo muntu sewangixolela kanti sengisondelene kakhulu nawo,” kusho yena.
Ugwetshwe iminyaka engu-25 wadedelwa ngemuva kokudonsa cishe iminyaka engu-14.
Ngesikhathi esejele, wajoyina iqembu eliyingozi lama-26, elaziwa ngokuphanga nokushushumbisa izidakamizwa, ugwayi, nemali. Wayiswa emajele ahlukene, okubalwa iNew Lock, iBoksburg, iSun City, nePretoria Central.
Nokho uManamela ngokuhamba kwesikhathi wasebenzisa isikhathi sakhe ejele ukushintsha impilo yakhe. Waqeda isikole samabanga aphezulu, wathola idiploma, futhi wafunda imfundiso yenkolo nenkonzo.
Ngesikhathi ebuyela ekhaya, wangena njengomfundisi emngcwabeni kamkhulu wakhe.
“Abantu bashaqekile ukuthi sengiyishintshile impilo yami,” usho kanje.
“Umthandazo wangisindisa ezindleleni zami ezimbi.”
Namhlanje uManamela ushadile, unezingane ezintathu, usengumfundisi eSt Genesis Apostolic Church of Prophecy. Uvakashela amajele ukuze ashumayele, kodwa abantu emphakathini wakubo basacabanga ukuthi mhlawumbe usebuyele ebugebengwini uma bembona namaphoyisa.
Osesithombeni esingenhla: ULebohang Manamela.
Umthombo: Sithunyelwe