Owayeyintombi yaDA Les uzolwa no-Innocentia Morolong

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Konke sekumi ngomu kumalungiselelo empi yesibhakela yosaziwayo babili baseNingizimu Afrika, u-Innocentia “Inno” Morolong no-Ashleigh Ogle abazozwana amandla kwiMandele African Boxing Cup esikhathini esinganeSonto.

Lo mcimbi, ohlelwe ngokubambisana phakathi kweMandela Foundation kanye ne-International Boxing Association, uzoba se-International Convention Centre eThekwini kusukela ngomhlaka-15 kuMbasa kuya kumhlaka-21 kuMbasa.

UTumelo Ramaphosa, indodana kaMengameli Cyril Ramaphosa, naye uyingxenye yabazohlela lo mcimbi.

U-Ogle wayeyintombi ka-DA L.E.S kanti kuke kwaba namahlebezi okuthi ujola no-Elton Jantjies owake wadlalela amaBhokobhoko.

Engxoxweni abe nayo neTshisaLIVE, u-Inno uthe uyazethemba ukuthi uzowina.

“Ngiwuvumile umdlalo ngoba bengilokhu ngishayela phansi. Ngibona kuzoba umdlalo omnandi lona,” kusho u-Inno.

“Baningi abantu engingafuni ukulwa nabo.Ngiqonde ukuthi abanye abantu abahloniphi kodwa okwamanje asigcine lokhu kuyimfihlo.”

U-Inno uthe uzofika ezilungiselele.

“Ngizobe ngiziqeqeshela angesabile kunalokho ngiyajabula. Ngilwa ngezizathu eziningi abantu abahloniphi futhi imali iyona eyenza kubemnandi kakhulu,” kusho yena.

“Angisona isahluleke, uma ngiwina kuzosho lukhulu kimina. Ukuzikhandla kwami ​​kuzobe kuthele izithelo ezinhle. Isithunzi sami sizobuya futhi ngizojabulela nemali. UMbasa yinyanga yami yokuzalwa, kufanele ngijabule futhi ngibungaze impilo.”

Isithombe esingenhla: U-Innocentia “Inno” Morolong no-Ashleigh Ogle.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva