Owayeyinswelaboya usezelwe kabusha

Everson Luhanga

Kusukela esemncane, uShawn Linda nabangani bakhe bebehlalisa lubhojozi umphakathi wase-Alexandra. Uma bengaboshiwe bebegqekezela abantu, baphinde baba bambe nenkunzi.

Kodwa lezo zinsuku zobugebengu obuncane zaphela ngesikhathi abangani bakhe abathathu bebulawa, omunye ephuka umlenze.

Omunye wabangani bakhe abasondelene naye washaywa ngamatshe washiswa waze washona ngemuva kokubanjwa iqulu lamalungu omphakathi ayediniwe azithathela umthetho ngezandla. Kwabe sekudutshulwa omunye umngani wakhe washona ngesikhathi bedubulana namaphoyisa, kwathi owesithathu wabulawa empini yamaqembu ezigelegeqe.

Manje oneminyaka engu-29 ubudala, uzibona eyindoda enenhlanhla kunawo wonke emhlabeni ngokuthi nje akwazi ukuvuka njalo ekuseni.

UShawn waboshwa amahlandla angaphezu kwangu-50, futhi uchithe isikhathi esiningi sobusha bakhe ejele. Walahlekelwa yithuba lokuvalelisa kumalungu omndeni okokugcina ashona ngesikhathi evalelwe ejele.

Elandisa ngalokho akubiza ngokuthi “impilo elahlekile” ebusheni bakhe, uShawn uthe waqala ukwenza ubugebengu eneminyaka engu-13 ubudala futhi waba nesibhamu sakhe sokuqala eneminyaka engu-16 ngesikhathi egqekeza futhi egebenga ezitaladini endaweni yase-Sandton.

Ngesikhathi eqala impilo yakhe yobugebengu, wayezizwa sengathi uphila impilo ephezulu, wabe eseboshwa okokuqala ngo-2007.

Wanikezwa isigwebo seminyaka emihlanu, ngaphansi kombandela wokuthi angalenzi icala ngaleyo minyaka.

“Bengicabanga ukuthi kulula ukuboshwa uphinde uphume ukuze ukwazi ukujabulela impilo nawo wonke umuntu. Ngaqhubeka nempilo yami yobugebengu ngilokhu ngingena ngiphuma ejele,” usho kanje.

Manje njengoba eseqondile njengothi lomkhonto, uShawn ubelokhu ezabalaza ukuthola umsebenzi. Kodwa uthi angeke abuyele ezindleleni zakhe zakudala.

“Abangani bami bakhokha ngezimpilo zabo. Engikufunayo manje ukuthola umsebenzi ngisize umndeni wami”.

Izihloko zakamuva