Owayeyinhloli ye-ANC udutshulwe ngamaphoyisa

Owayeyinhloli ye-African National Congress, uBradley Steyn, udutshulwe ngamaphoyisa ase-Los Angeles embhikishweni we-Black Lives Matter ngoMgqibelo.

Ngonyaka wezi-1988, esengumfana owayesefunda isikole, uSteyn wabona “uWit Wolf” onguBarend Strydom edubula abantu abamnyama  abangama-24 kwisibhicongo sasePitoli eStrijdom Square.

Ukwehluleka kwakhe ukusiza abantu ngalolo suku ngokuhamba kwesikhathi kwaholela ekutheni agcine ejoyina iqembu le-ANC.

Kule nyanga ujoyine umbhikisho we-Black Lives Matter e-Los Angeles eMelika.

Ngesikhathi ephusha iphoyisa elisusa kowesifazane ongumbhikishi, uSteyn utshele iphephandaba i-Sunday Times, ukuthi washaywa ngenduku i-baton wase edutshulwa esithweni sakhe sangasese ngenhlamvu yenjoloba.

“Ukuzisola okukhulu enginakho ukuthi angenzanga lutho ukunqanda uStrydom ngenkathi ebulala abantu,” kusho uSteyn esembhedeni wakhe esibhedlela. “Ingakho ngiye ngayosiza lo wesifazane ngoMgqibelo.”

Izihloko zakamuva