Owayeyingoduso kaZuma ohlelweni olusha lakumabonakude

Linda Ximba

Owayeyingoduso kalowo owayenguMengameli wezwe uMnu uJacob Zuma usethole umsebenzi wokuba umethuli wohlelo oludume kakhulu kuleli “i-Our Perfect Wedding”.

UNonkanyiso Conco odume ngelikaLa Conco uveze lezi zindaba ezinkundleni zokuxhumana kanye namazwibela azobonakala ohlelweni ngeSonto elizayo.

Uzobe enqamula izwe lonke ehlangana nezithandani ezihlela umshado wazo, futhi uzobe ebukisa abalandeli babukeli wonke amalungiselelo omshado. Ukusuka ekukhetheni ingubo kuye ekunambitheni ukudla kanjalo nokubuka izindaba zomndeni ezivame ukuhambisana nale micimbi.

ULa Conco ubhale wathi: “UGrace usemsebenzini. Bahlali  ngomhlaka-25 kuMandulo kuMzansi Magic ngo-19:00. Siyabonga kumneni we-Connect TV ngokwamukela ngemfudumalo asishadise!”

Ukwethula uhlelo akukusha kuLaConco. Phambilini uke wethula uhlelo oluthi “Ingane Yami” kuMzansi Magic waphinde wasebenza emsakazweni odlondlobala ngesivinini eThekwini i-Vuma 103 fm.

Ubephinde abe yintandokazi kubalandeli bakhe ohlelweni oluthi-“Real Housewives of Durban”,  eheha abalandeli ngoba ubengawuvali umlomo futhi ubehlezi ephoxa ozakwabo.

ULa Conco unendodana noZuma kanti bahlukana ngo-2019. Ubudlelwano bakhe noZuma basusa umsindo ngenxa yegebe leminyaka engu-52 phakathi kwalaba ababili.

Izihloko zakamuva