
Celani Sikhakhane
OwayeyiMeya yaseJoburg uMpho Moerane usesimweni esibucayi esibhedlela ngemuva kokubandakanyeka engozini embi yemoto ngoLwesibili ekuseni.
UMoerane ubebanga isikhundla sikaSihlalo we-ANC e-Gauteng noDada Morero, osenguNobhala wesifunda.
“Sisathukile futhi asazi ukuthi empeleni kwenzekeni kuye. Esikwaziyo nje ukuthi ukwi-coma esibhedlela eJozi,” kusho umthombo otshele i-Scrolla. Africa.
UMoerane uqokwe njengeMeya ngonyaka odlule ngemuva kokushona kukaJolide Matongo engozini yemoto ephuma emkhankasweni we-ANC e-Soweto.
UMoerane wabe esekhethwa kodwa wasebenza inyanga eyodwa kuphela ngaphambi kokuthi i-ANC ilahlekelwe amandla ayo kwi-DA kuMasipala waseJohannesburg.
Esitatimendeni uMorero uthe uMoerane usesimweni esibucayi kodwa uthola usizo lwezempilo esibhedlela.
Uthe i-ANC iphatheke kabi ngokulaliswa kowayeyiMeya esibhedlela futhi imfisela ukululama ngokushesha.