Owayeyilungu le-Black Motion usolwa ngokugqekeza 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Lowo owayeyilungu leqembu lomculo i-Black Motion uBongani “Murdah” Mahosana usolwa ngokugqekeza nokweba nguMoses Mokgokgo owayengumphathi wakhe wenkampani eqopha umculo.

Kuthiwa uMahosana owaziwa ngokuba umyeni kaDJ Zinhle ugqekeze lo muzi ngesikhathi abanikazi bawo bengekho beyonandisa.

Imithombo ekhulume ne-Scrolla.Africa ithe uMurdah ubefuna ukuba ngumnikazi wezingoma aziqopha ngaphambilini ngaphambi kokuhlukana ne-Black Motion ukuze aqhubeke nokucula yedwa.

“Mhlawumbe usakweletwa imali inkampani eqophayo. Yingakho eseze waqoka ukuthatha imishini yokuqopha,” kusho omunye umthombo.

UMahosana uvulelwe icala esiteshini samaphoyisa e-Olievenhoutbosch ngeledlule.

Esitatimendeni asithumele emaphoyiseni, uMokgokgo usola uMahosana ngokugqekeza emzini wakhe ose-Centurion, ePitoli. Kuthiwa umuzi ubusetshenziswa njengehhovisi nesitudiyo. UMokgokgo uthi uMahosana uthathe ama-studio monitors, umabonakude, ama-hard drive ekhompyutha, kanye nedeski lokuhlanganisa umculo.

Ngesikhathi ethintwa ukuze aphawule, uMahosana udlulisele i-Scrolla.Africa kummeli wakhe uNeo Mashele.

“Ngeke sikhulume okuningi ngoba sizwile ukuthi ikhasimende lami livulelwe icala ,” kusho uMashele.

Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS eGoli, uColonel Noxolo Kweza ukuqinisekisile ukuthi uMokgokgo uvulele uMahosana icala, kodwa bekungakaboshwa muntu kuze kube manje.

Engxoxweni abe nayo neKaya FM ngenyanga edlule, uMurdah uthe ushiye iqembu ngemuva kokucasuka ngesikhathi  kufakwa ilungu elisha uKabelo “Problem Child” Koma yena engazi.

UMahosana noThabo “Smol” Mabogwane bangabasunguli baleli qembu abacula izingoma ezifana nethi-“Rainbow”, “Uwrongo” nethi-“The Journey.”

Esithombeni esingenhla: Owayeyilungu le-Black Motion uBongani “Murdah” Mahosana

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva