Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
ObeyiJaji eNkantolo yoMthethosisekelo kuleli usola obenguMengameli wamaJaji e-Western Cape uMnuz John Hlophe ngokuthi ukujoyina kwakhe uMkhonto weSizwe Party sekumuveze obala ukuthi wayevele eyincelebane kaMnuz Jacob Zuma.
IJaji uZak Yacoob ukusho lokhu engxoxweni abenayo ne-Scrolla.Africa ngeSonto ntambama eThekwini nalapho aveze khona ukuthi izinsolo zokungathembeki kukaHlophe ecaleni likaZuma seziyaziveza manje.
“Bengilokhu ngingafuni ukuyikholwa imikhuba abesolwa ngayo yokugxambukela ecaleni likaZuma ngoba ubenguzakwethu futhi esaqhubeka nokusebenza njengeJaji. Kodwa isinqumo sakhe sokulandela uZuma kuMkhonto sekuvele kwaziveza obala ukuthi lo muntu akaze athembeke emsebenzini kodwa ubevele esebenzela uZuma,” kusho uYacoob.
Uthe ubufakazi balokhu ukuthi kuyimanje uHlophe uvukela uMthethosisekelo ufuna ushintshwe.
Ukusho lokhu nje uHlophe usanda kuxoshwa njengeJaji ngemuva kokuba iphalamende livotele ukungamethembi.
Ngesikhathi kuqala icala likaZuma lezikhali uHlophe wasolwa ngokuthi uzama ukugxambukela ukuze uZuma angabhekani naleli cala enkantolo.
Lokhu kumkhalise iminyaka uHlophe njengoba ezingxoxweni zakhe zakamuva azenze eThekwini ekuvezile ukuthi inzondo ngaye yaphehlwa inhloko yamaJaji kuleli uRaymond Zondo.
Uthi isono sakhe kwaba ukuthi uma sekuqala ukuqulwa kwecala likaZuma nowayesayiphini likaMengameli wezwe, wathi kozakwabo usethembe bona.
“Isono sami kwaba ukuthi ngithi cha madoda sesethembe nina. Lokho ngangikusho ngoba sasiliqala lolu hlobo lwecala selokhu sangena kuhulumeni wentandoyabantu. Kusuka lapho uZondo owayengumngani wami nengaya ngisho emshadweni wakhe wangihleba kumhlobo wami uJaji uJerome Ngwenya ethi angixoshwe. Baze bathi angithathe isamba sika-R10 million ngiyohlala ekhaya. Kodwa ngenqaba,” kusho uHlophe.
Ngesonto eledlule ngesikhathi eseThekwini uthe bazolwela umhlaba nokuba kuguqulwe uMthethosisekelo ukuze uvune abantu bakuleli ezinkantolo.
