Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
ULuvuyo Ngxiki ufunde kabuhlungu ukuthi uma uphambuka uyajeza. Ngesikhathi esesesikoleni samabanga aphezulu waqala ukuzihlanganisa nesixuku esingalungile, futhi kancane kancane waba ingxenye yamaqembu ezigebengu.
Unina ompofu ongumzali oyedwa wamyisa esikoleni okuhlalwa kuso ngenxa yokuphelelwa ithemba. Kodwa ngokudabukisayo lokho akuzange kusize. Ngemuva kokuyeka isikole waba isigelekeqe. Lokho kwamfaka ejele wadonsa iminyaka emine.
Lo wesilisa owayeyisiboshwa (42) utshele iNhlangano yabesilisa yaseNelson Mandela Bay eyethulwe ngoLwesine ukuthi wanquma ukuqala impilo yakhe kabusha ngemuva kokuphuma ejele. Manje ufundisa amabhungu angenabo obaba akhulela emalokishini njengaye athanda ubugebengu.
“Badinga obaba kanye nabantu besilisa abayizibonelo ezinhle kubo,” kusho uNgxiki. Ugqugquzele abesilisa abebekhona ukuthi babe isibonelo esihle ukuze basize ukuhlenga intsha ekuphambukeni endleleni.
INhlangano yabesilisa yaseNelson Mandela Bay yasungulwa ngenhloso yokuqoqa abesilisa ngaphansi kophahla olulodwa ukuze kuxoxwe ngamasu okwakha umphakathi ongcono.
Elakuleli linesibalo esiphezulu sobugebengu obunodlame emhlabeni. Iningi lala macala enziwa ngabantu besilisa kwabasifazane nezingane abandakanya ukubulala, ukudlwengula kanye nokushaya ngenhloso yokulimaza.
Inhlangano yabesilisa yaseNelson Mandela Bay yakubona kufanele ukuthi kwakhiwe indawo lapho abesilisa bengakwazi khona ukukhuluma bodwa.
Umcimbi wokuvula leNhlangano ubusingathwe ihhovisi lesifunda likaMasipala waseNelson Mandela Bay. Umholi wayo wezombusazwe ikhansela uRano Kayser uthe ihhovisi likujabulele ukwamukela abesilisa abaphuma ezizindeni ezahlukene nabakholelwa ezintweni ezahlukene.
“Namuhla sihlangene njengabesilisa ukuzobhunga ngamasu nezindlela zokwenza abesilisa baseNelson Mandela Bay bahleleke kangcono futhi babumbane ekunqobeni udlame nokubulawa kwabantu besifazane,” kusho uKeyser.
Lo mcimbi ubuhanjelwe abesilisa bezinhlaka ezahlukene okubalwa abaphuma eMnyangweni wezeMpilo kanye nowezokuThuthukiswa koMphakathi. Lesi sithangami sakhiwe ngabamele izinhlangano ezizimele ezahlukene ezingazimisele ukuthula zibukele ngesikhathi amanye amadoda ekhungathekisa umphakathi.
Isikhulu senhlangano yabesilisa yaseNelson Mandela Bay uMbulelo Xinana uthe abesilisa yibona abahamba phambili kuzo zonke izigameko ezithinta udlame olubhekiswe kwabasifazane nezingane wathi lokhu yikhona okwenze kwasungulwa le nhlangano.
INelson Mandela Bay izibophezele ekwenzeni konke okusemandleni ukunqanda udlame nokubulawa kwabantu besifazane ngokusabalalisa umyalezo kuyo yonke imiphakathi yaseNelson Mandela Bay.
Esithombeni esingenhla: Inhlangano yabesilisa yaseNelson Mandela Bay
Umthombo wesithombe: Anita Dangazele