Owayesebenza kwa-SABC uvule icala lokusatshiswa 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Impi embi phakathi kwe-SABC nowayengumethuli wezemidlalo u-Owen Ndlovu isiphenduke yaba yimbi.

UNdlovu ophumele obala uvulele icala uNtuthuzelo Vanara ongumphathi wezomthetho kulesi siteshi somphakathi.

UNdlovu uthi uVanara wasabisa ngokumbulala ngokuthumela imiyalezo ku-WhatsApp ngoba uNdlovu wayemcefezela ngemali ayekholelwa ukuthi wayeyikweletwa.

Umgqugquzeli womculo ophinde abe ngumsakazi wezemidlalo ku-Soccer Zone ushaya phansi ngonyawo uthi uSbongi Ngcobo ongumphathi webhizinisi kuKhozi FM uyisona sizathu esidale ukuthi angayitholi imali yakhe.

UNdlovu uthe waya kuVanara efuna umbono wakhe ngokuthatha izinyathelo zomthetho, kodwa kubukeka sengathi wayesefike emaphethelweni.

Esebenzisa inkampani yakhe i-Michael Owen Productions, uNdlovu waqhamuka nomqondo wengoma ezohlukanisa unyaka waba nesivumelwano ne-SABC ngo-2017.

Umbono wawuthi abalaleli bazokhokha uma bevotela ingoma yabo abayithandayo ezohlukanisa unyaka. Imali eyayizotholwa kumavoti yayizokwabelwa uNdlovu nomsakazi kazwelonke.

Waxabana nabaphathi be-SABC futhi akakaze athole ngisho isenti, kodwa Ukhozi FM luqhubekile nokusebenzisa umbono wakhe okuthiwa wenze izigidi ngokuvota kwabantu. 

“UMnu Vanara ngiyamsola ngokungakutholi okufanele ngikuthole. Wangethusa ngesikhathi ethi uzoqasha izinkabi ezizoxazulula lolu daba ngoba ngiyamphazamisa. Sengize ngamvulela icala lokungisabisa,” kusho uNdlovu.

“Ngeke ngithule ngize ngithole okungokwami ​​okufanele.”

Oyisikhulu esiphezulu sakwa-Group Executive for corporate Affairs and Marketing kwa-SABC, uGugu Ntuli uthe i-SABC yaziswe nguVanara ngecala lobugebengu alivulelwe uNdlovu.

“I-SABC ikuthathela phezulu ukuphepha kwabasebenzi bayo. Ngenxa yalokhu uMnu Navara welulekwe ngokuthi angangeni emagcekeni e-SABC kuze kuphothulwe icala lobugebengu abekwe lona,” kusho uNtuli.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Gauteng, uColonel Dimakatso Sello uthe okwamanje bekungakaboshwa muntu.

Isithombe esingenhla: Owayeyisisebenzi sakwa-SABC u-Owen Ndlovu

Umthombo wesithombe: Sowetan

Izihloko zakamuva