Lubhalwe nguMichael Madyira
Lowo owayengumqeqeshi we-Orlando Pirates, uRoger de Sa useqale izingxoxo zokuba ingxenye yabasebenzi bakaCarlos Queiroz eqenjini lesizwe lase-Qatar.
UQueiroz uqokwe njengomqeqeshi we-Qatar ekuqaleni kwaleli sonto futhi usezinhlelweni zokusungula iqembu lakhe lezobuchwepheshe.
UDe Sa uthe mhlawumbe uzojoyina lowo owayengumqeqeshi wase-Portugal njengoba kuke kwaba nezingxoxo zokuqala mayelana nokuthatha indima yokuba iPhini lomqeqeshi weqembu.
“Kube nomhlangano owodwa ngomakhalekhukhwini saxoxa kabanzi.
Bekuyizingxoxo zokuqala akukho okunye futhi ilokho kuphela engingakusho,” uDe Sa etshela i-Scrolla.Africa.
“Sixhumane kanye ocingweni, kodwa kuningi okusamele kuxoxwe nendlela ekusamele ihanjwe.”
UQueiroz ufuna lo mdlali oneminyaka engu-58 ubudala njengomsizi emisebenzini yakhe emibili, njengomqeqeshi we-Egypt ne-Iran ngokulandelana.
Lokho kuqhamuke ngemuva kokuholela i-Egypt kowamanqamu e-Africa Cup of Nations ka-2021, okuyilapho abahlulwe khona i-Senegal eyagcina ingompetha.
Behlulekile ukusiza i-Egypt kumqhudelwano weNdebe Yomhlaba wonke ye-FIFA ka-2022 okwaholela ekuphumeni kwayo.
Uma uDe Sa ejoyina uQueiroz, kuzomenza abuyele e-Qatar, okuyilapho ayekhona ne-Iran eNdebeni yoMhlaba ka-2022.
Umlando wokusebenzisana kwabaqeqeshi abadabuka e-Mozambique waqala ngonyaka ka-2000 ngesikhathi uQueiroz eqokwa njengomqeqeshi weBafana Bafana futhi waqoka uDe Sa njengomqeqeshi wakhe wonozinti.
Basebenzisana futhi ngo-2010 neqembu lesizwe lase-Portugal eNdebeni yoMhlaba eyayisingethwe elakuleli.
Uma kwenzeka izingxoxo zingaphumeleli ne-Qatar, uDe Sa uzobe esemakethe futhi uzofunwa amaqembu e-Premier Soccer League.
Njengoba izinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates zilwela ushintsho kule sizini, kungase kube khona ithuba lokuthi kushintshwe amaqembu abo ezobuchwepheshe.
Lokho kungabenza bacabange uDe Sa.
Isithombe esingenhla: URoger de Sa noCarlos Queiroz
Umthombo wesithombe: Roger de Sa (Instagram).