Owayeqeqesha i-Swallows ukhala ngokungakhokhelwa

Menzi Magubane

Izinkinga zezimali ze-DStv Premiership kwi-Swallows zibukeka ziba zimbi kakhulu.

Owayengumqeqeshi wabo uBrandon Truter usesabisa ngokubayisa kwi-PSL mayelana nengxabano yokukhokhelana kwabo ngemuva kokumxosha ngoLwezi odlule.

UTruter uthi i-Swallows yazama ukumphoqa ukuthi asule esikhundleni ukuze igweme ukumkhokhela. Uthe i-Swallows isazomkhokhela imali yakhe.

“Empeleni bebefuna ukungikhipha emnyango befuna ngesule. Ukusula kusho ukuthi akukho sivumelwano futhi ayikho imali engizoyithola.

“Kudingeke ngime ngivikele umndeni wami ngaleso sikhathi. Iqiniso kwakukhona inqubo yokuthi bamukhiphe eqenjini le-Swallows ngaleso sikhathi. Kodwa angikwazanga ukuhamba ngokukhululeka kwami.

“Umzekelo, ngelinye ilanga abalandeli bamisa ibhasi kodwa onogada abazange bangivikele,” kusho uTruter.

UTruter oqeqesha AmaZulu wengeze ngokuthi unamavidiyo nemiyalezo ethunyelwe ngomqhafazo okufakazela lezi zinsolo.

“Angiqambi manga. Ngifuna abantu bonke babone. Base bevele befuna ukungikhipha kanti nami kunezinto ebengingakwazi ukukhuluma ngazo nabezindaba. 

“Kodwa baphule lokho ngokungakhokhi isinxephezelo.”

Uphinde wathi uhlelo lwakhe manje ukudlulisela lolu daba kwi-PSL.

“Ngizoya kwi-PSL ngiyolanda imali yami futhi sengingakhuluma ngokukhululeka ngalezi zinto. Lo mphumela usho lukhulu kimina.”

Izinkinga zezimali ze-Swallows azigcinanga kuTruter nabadlali bayo bathintekile. NgoZibandlela odlule abanye abadlali baduba ukuzilolonga ngenxa yokubambezeleka komholo wabo.

Izinkinga ezibhekene ne-Swallows izona ezinomthelela ekutheni ithwale kanzima kwi-Premiership kule sizini. NgoLwesibili uTruter wandise izinkinga zaleli qembu ngesikhathi AmaZulu eshaya leli qembu.

I-Swallows isendaweni yesibili yokugcina ngemuva kokuqoqa amaphuzu angu-23 kuphela emidlalweni engu-27. Ihlukaniswe amaphuzu amabili ne-Baroka eqhwakele njengoba sekusele imidlalo emithathu kuphele kulesizini

Umthombo wesithombe: @TimesLIVE

Izihloko zakamuva