Owayengunobhala we-Nazi death camp uzame ukubalekela ukuqulwa kwecala lakhe

Arthur Greene

Esaba ukubhekana namacala akhe, lo wesifazane oneminyaka engama-96 ubudala obesebenza njengonobhala e-Nazi death camp ubalekile ngosuku okumele kuqulwa amacala akhe.

Kodwa icebo lokweqa kwa-Irmgar Furcher alihambanga ngendlela, futhi ubushowe amaphoyisa ngemuva kwamahora ebaleke ekhaya lokunakekelwa e-Germany.

UFurcher- obizwa ngonobhala ongcolile abezindaba base-Germany- ubhekane namacala okusiza ngokushona kweziboshwa ezi-11,412 e-Stutthof death camp ngesikhathi kunempi yomhlaba yesibili.

Ngesikhathi kuvele ukuba akazange afike ukuze kuzoqalwa ukuqulwa kwecala lakhe, ijaji uDominik Gross uphoqelekile ukuba ahlehlise icala wafaka isicelo sokuba athungathwe abezomthetho.

Ijaji uGross utshele inkantolo ukuthi uFurcher ugcinwe ebonakala esuka kwikhaya lokunakekelwa egibela etekisini ekuseni.

Ngemuva kokuphuma kwencwadi egunyaza ukuboshwa kukaFurcher, okhulumela inkantolo uFrederike Milhoffer uthe, “ uhambe ekuseni egibele itekisi ebibheke esiteshini samaphoyisa edolobha.”

Kodwa akazange atholwe kude. uMilhoffer umemezele ngalolosuku ntambama ukuthi uFurcher usebanjiwe. 

UFurcher ubesebenza njengonobhala esebenzela i-SS commander ye-Stutthof concentration camp kusukela ngonyaka wezi-1943 kanye nonyaka wezi-1945.

Ababashushisi bayaphikisana ngokuthi ngabe ubeyingxenye eyasiza ekushoneni kwabantu abangamashumi ezinkulungwane.

Abantu abayi-65,000 babulawa e-Stuffhof, abaningi babulawa emagumbini ane-gas. Kodwa abangamashumi ezinkulungwane babulawa indlala, izifo, ukusetshenziswa bengaphumuli abanye baphoqelelwa ukungena kwimashi yokufa. Laba abashona abayi-28,000 babengama-Jews.

Ummeli kaFurcher uyaphikisana nalokhu, noma kunjalo, wayengazi ngokwenzeka e-death camp njengoba abantu babephathwa ngesihluku.

Ngemuva kokulahleka kwakhe, kuvezwe ukuba ubhalele inkantolo incwadi enqaba ukuvela phambi kwejaji ukuze kuzoqulwa icala lakhe, njengoba wacela baqule icala lakhe engekho.

Ubhale ukuthi, “ngenxa yeminyaka yami kanye nobudala bomzimba angeke ngize enkantolo ngosuku olubekiwe ngicele ummeli wezokuvikela angimele.”

“Bengingathanda ukuba ngizisindise kulokhu kuphoxeka ngingazenzi inhlekisa phambi kwabantu.”

U-Efraim Zuroff, wase-Israeli eMelika ongumzingeli we-Nazi, ubhale ku-Twitter wathi, njengoba ekwazile ukuba namandla okubaleka uzoba nawo awokuvalelwa ejele!”

Umthombo wesithombe: @alekosmarkellos

Izihloko zakamuva