Lubhalwe nguBathandwa Ndlangisa
U-Enhle Mbali Mlotshwa owayengunkosikazi kaBlack Coffee usexhumane ne-CNN ukuze babe nengxoxo lapho abazokhuluma khona ngamahlazo athinta isihlabani somculo.
Lokhu kuyimpendulo yesimemezelo esenziwe ngoMgqibelo ngumdidiyeli owawina indondo ye-Grammy u-DJ Black sokuthi usekulungele ukuba nengxoxo ohlelweni lukaMacG i-Podcast and Chill.
NgoLwesibili u-Enhle ubhale ekhasini lakhe laku-Instagram ukuthi uthole ama-email angamphathi kahle amenza afune ukuba nengxoxo nesiteshi sezindaba saseMelika i-CNN.
“Lo mfana ungaphezu kwamandla. Ngifuna ingxoxo ezoba phakathi kwethu sobabili egumbini elilodwa kwi-CNN. Iyathusa i-email engisanda kuyifunda! Manje ukhuluma izinto ezingekho! Kuya ngokuya kuba yingozi,” esho.
“Ngizoqhubeka nosuku lwami olujwayelekile.”
Uthe uma uBlack Coffee efuna kukhulunywe ngakho konke kumele bakwenze.
“Yiba nesibindi sokuza kimi ngqo. Amahlazo asevelile vele. Kuyadabukisa uma ungangibuza,” kubhala u-Enhle ku-Instagram.
Laba ababili bahlukana ngo-2019 futhi kusukela lapho abakaze bathelelane amanzi.
Imizamo ye-Scrolla.Africa yokuthola ukuphawula kukaBlack Coffee ayiphumelelanga njengoba ebengalubambi ucingo lwakhe.
UMacG noSol Phenduka nabo abakwazanga ukuqinisekisa ukuthi bazoba nengxoxo noBlack Coffee.
Umgqugquzeli womculo ongundabamlonyeni uNota Baloyi ohlezi eseka u-Enhle utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uzomxhumanisa nezinye iziteshi zezindaba uma kwenzeka i-CNN ithatha isikhathi eside.
“Kukho konke ukweseka kwami u-Enhle bengilokhu ngimile kwelokuthi uBlack Coffee uyindoda ekhohlakele eyovela obala ngelinye ilanga. Bengilokhu ngikholelwa ekutheni u-Enhle ngeke akwazi ukusola umuntu engenabo ubufakazi,” esho.
“Nginamanethiwekhi amaningi amakhulu aphesheya angathanda ukuba nengxoxo, kodwa u-Enhle Mbali ufuna ukuyenza ne-CNN. Ngakho-ke, uma i-CNN ithatha isikhathi eside kakhulu ngingakwazi ukusiza u-Enhle Mbali ukuthi abe nengxoxo nezinye izingosi zezindaba zamazwe ngamazwe ezinkulu ngokumangalisayo.”
Esithombeni esingenhla: UBlack Coffee no-Enhle Mbali
Umthombo wesithombe: Drum