Lubhalwe nguZukile Majova
Akasekho emhlabeni uMnuz Tito Mboweni, owayenguNgqongqoshe wezeziMali futhi owake waba nguMbusi weBhangengodla (Reserve Bank).
Umndeni wakwaMboweni ukuqinisekisile ukuthi ushone ngoMgqibelo eneminyaka engu-65.
“Kusizwisa ubuhlungu kuthi singumndeni wakwaMboweni sinazise ngokudlula emhlabeni kwalowo owayenguMbusi weBhangengodla kanye noNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Tito Titus Mboweni.
“Umndeni ukhungathekile ngokushona kukaMboweni ngemuva kokugula isikhashana. Ushonele esibhedlela eGoli ngoMgqibelo ebusuku ezungezwe abathandiweyo bakhe,” sifundeka kanjalo usitatimende.
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe abantu baseNingizimu Afrika bazomkhumbula ngeqhaza lakhe ekukhuliseni umnotho.
“Ngidlulisa amazwi enduduzo emndenini, abangani, kanye nozakwethu baComrade Tito Mboweni ongasekho.
“Ukudlula kwakhe emhlabeni kuwukulahlekelwa okukhulu eNingizimu Afrika, njengoba ebeyisisebenzi sikaHulumeni esizinikele ebambe iqhaza elikhulu ekubumbeni imigomo yezomnotho yezwe.
“Njengoba owayenguNgqongqoshe wezeziMali kanye noMbusi wokuqala omnyama weBhangengodla laseNingizimu Afrika, ubuholi bukaMboweni, ubuhlakani bakhe kanye nokuzinikela kwakhe esizweni kushiye uphawu olungeke lucimeke ezweni lethu.”

UMboweni waba ngowokuqala ukuqokwa uNelson Mandela njengoNgqongqoshe wezabaSebenzi ngo-1994, okuyisikhundla asibambe kwaze kwaba ngu-1999.
Ungene esikhundleni sikaDkt Chris Stals sokuba uMbusi we-SA Reserve Bank ngo-1999.
Eminyakeni yakhe yokugcina ngemuva kwesikhundla somphakathi, uMboweni ubejabulela impilo yakhe ejwayelekile yokulima nokupheka ukudla okujwayelekile.
