Kamogelo Muvhendze
OwayenguNgqongqoshe wezeMpilo eGoli uBrian Hlongwa, unkosikazi wakhe uJoelin nabanye abasolwa abayisikhombisa bavele eNkantolo yeMantshi yase-Palm Ridge ngoLwesibili ngecala lokukhwabanisa ithenda yemali eyisigidi esiyi-R1.2.
UHlongwa, kanye nezinye izikhulu eziphezulu eMnyangweni wezeMpilo eGoli kuthiwa bathole imihlomulo, uhambo lokuya ebumnandini nezinye izinzuzo ngesikhathi ephethe phakathi kowezi-2006 nowezi-2010.
I-Directorate for Priority Crime Investigation (oKlebe) ithe esitatimendeni kuboshwe abasolwa abayisishiyagalolunye okubalwa nezinhlaka ezizimele ngamacala okukhwabanisa, inkohlakalo, ukushushumbisa imali kanye nemikhuba yokuqola eqhutshwa uMnyango wezeMpilo eGoli.
Kusolwa ukuthi ngaleso sikhathi kwanikezwa izinkontileka eziningi enkampanini okwakuhloswe ukuthi ibe khona isikhathi esiyiminyaka emibili ebiza izigidi ezingama-R68 ngonyaka.
Kodwa-ke, imali eyizigidi ezingama-R221 yasetshenziswa ngokweqile ngaphandle kwemiphumela kubantu abathintekayo.
Icala ladluliselwa ophikweni oluphenya ngenkohlakalo oKlebe i-Special Investigating Unit (i-SIU) ngoMandulo wezi-2011 ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Inkontileka enkulu kwaba ukusungulwa kwe-Project Management Unit (i-PMU) eyakhishwa okokuqala mhla zizine kuNtulikazi ngowezi-2007 yaphinde yelulwa mhla ziyi-17 kuNhlolanja wezi-2009 eminye iminyaka emithathu ngaphandle kokuyikhipha njengethenda evuliwe.
Okhulumela oKlebe, uBrigadier Nomthandazo Mbambo, uthe izikhulu eziningi zoMnyango kusolakala ukuthi zithole ukheshi, imali ebolekiwe, izipho kanye nezindleko ezikhokhwayo ngamaholidi futhi asikho nesisodwa isikhulu esimemezele lezi zipho.
Abasolwa bazinikele emaphoyiseni ekuseni ngoLwesibili ngemuva kokuphuma kwencwadi egunyaza ukuthi baboshwe.
Izinkampani ezithintekayo kuleli hlazo i-Golden Pondo Trading 363, i-3P Consulting, Ukwakha Design, i-Midnight Masquerade Properties, i-Ergold Property No 8 kanye ne-Brisigo Properties.
UHlongwa ubalwe njengomqondisi wazo zombili izinkampani i-Brisigo Properties kanye ne-Golden Pondo Trading 363.
Abasolwa banikezwe ibheyili esukela kumali eyizi-R20 000 kuya kweyizi-R50 000 kanti bazophinde bavele enkantolo mhla zingama-22 kuMbasa wezi-2022.