Kabelo Tlhabanelo
UButana Komphela wake waba nguNgqongqoshe wamaphoyisa, imigwaqo nezokuthutha e-Free State, kodwa manje useyisigebengu esilahlwe yicala.
Ngokusho kwe-National Prosecuting Authority (i-NPA), uKomphela udale ingozi yemoto kwashona omunye umgibeli kwenye imoto.
NgoMsombuluko, inkantolo yemantshi yase-Brandfort e-Free State izwe ukuthi uKomphela wayeshayela esuka ngase-Theunissen elibangise e-Bloemfontein mhla ziyisithupha kuMasingana ngonyaka wezi-2019 ngesikhathi imoto yakhe yohlobo lwe-BMW iwela imigqa emibili yashayisana ne-Volkswagen Polo eyayinabagibeli abahlanu ababebheke kolunye uhlangothi. I-Polo yayibheke e-Marikana e-North West.
“Umsolwa uke waba nguNgqongqoshe wezimgwaqo futhi uyazi ukuthi umgwaqo indawo enezingozi eziningi,” kusho umshushisi wombuso, uMpoti Chalale.
Ngokusho kukangoti wezindawo zezingozi, imbangela yengozi kungenzeka kube yiphutha lomuntu ngoba isimo semoto asizange sidale ukuthi iphambuke futhi nomgwaqo ubusesimeni esihle.
“Kufakazelwe ukuthi uKomphela ubehamba ngesivinini samakhilomitha ayi-150 ngehora endaweni yamakhilomitha angama-80 ngehora,” kusho okhulumela i-NPA uPhaladi Shuping.
UShuping utshele i-Scroll.Africa ukuthi: “I-Polo yagingqika izikhathi eziningi kwathi uSamuel Manyova owayeneminyaka engama-50 owayengomunye wabagibeli, washonela endaweni yesigameko. Abanye abebephakathi bathola imihuzuko.”
Imantshi igwebe uKomphela iminyaka emithathu kwahlehliswa iminyaka emihlanu ngaphansi kombandela wokuthi angatholakali enecala elifanayo ngesikhathi sokumiswa kwakhe.
I-Scrolla.Africa ayimtholanga uKomphela ukuthi aphawule njengoba umakhalekhukhwini wakhe ubuvaliwe.