OwayenguNgqongqoshe usolwa ngokudlwengula izingane

Dylan Bettencourt

OwayenguNgqongqoshe wezemidlalo e-Haiti u-Evans Lescouflair usolwa ngokudlwengula umfundi (11) ngesikhathi esanguthisha ngo-1980.

Selokhu asebenza njengothisha eminyakeni engamashumi amane edlule, uLescouflair usephenduke undabamlonyeni ngamacala amaningana, njengoba abaningi okusolakala ukuthi bayizisulu zakhe bephumela obala.

WayenguNgqongqoshe wentsha, ezemidlalo kanye nezenzo zomphakathi kusukela ngo-2008 kuya ku-2011 futhi usanguMengameli weqembu lentsha lebhola lezinyawo, i-Club Sportif Saint-Louis.

Ithimba lezomthetho elisebenza nezisulu lithe omunye wezisulu zikaLescouflair wazibulala ngo-2008.

“Kuyicala ukudlwengula ngokuphindelela izingane ezingaphansi kweminyaka engu-15. Isigwebo saleli cala singudilikajele,” kusho ummeli etshela i-The Guardian.

UClaude-Alix Bertrand, inxusa lase-Haiti kwi-Unesco kanjalo nokaputeni weqembu lesizwe le-water polo, uthe owayenguNgqongqoshe wezemidlalo wamhlukumeza ngokocansi eneminyaka engu-11 kuphela.

“Wangithinta izitho zami zangasese ngendlela engingakaze ngithintwe muntu ngayo ngaphambili. Kwakungakhululekile. Ngangingaqondi lutho. Ngangiyingane nje. Ngambuza ukuthi wayekwenzelani lokho. Wayelokhu ekwenza futhi wangibuza wathi ‘Awukuthandi?'” kusho uBertrand.

Ukaputeni we-water polo wengeze ngokuthi ukuhlukunyezwa ngokocansi kwaqhubeka waze wadlwengulwa nguLescouflair.

UBertrand akazange abike ngokuhlukunyezwa ngenxa yokwesaba imiphumela engase ibe khona.

“Ngakhulela emphakathini lapho othisha ababenawo wonke amalungelo. Ngangicabanga ukuthi akekho owayezongikholwa. Ngaze ngacabanga ukuthi ngingajeziswa ngakho,” usho kanje.

ULescouflair usolwa ngokuhlukumeza abadlali abaningi ekilabhini yakhe yebhola lezinyawo, omunye wabadlali wazibulala ngo-2008 ngemuva kokudlwengulwa.

Umama walowo mdlali uthe ngeke bawathembe amaphoyisa ase-Haiti.

“Siyesaba. ULescouflair useyindoda enamandla. Asibuthembi ubulungiswa base-Haiti noma amaphoyisa. Indodana yethu yashona ngemuva kokudlwengulwa yilo mlisa. Sifisa ukwenza okuthile kodwa ini? Singabulawa ngokudalula nje ukuthi sikhona,” esho.

I-Haiti inomlando ngezigameko zokunukubezwa ngokocansi ebholeni, owayeyinhloko yonompempe kuthiwa wathumela izigelekeqe ukuthi zibulale intatheli eyayiphenya ngezinsolo zakhe zokunukubeza ngokocansi.

OwayenguMengameli we-Haiti Football Association, uYves Jean-Bart, nosondelene noLescouflair, waxoshwa unompela i-Fifa ngenxa yezigameko zokunukubeza ngokocansi.

Umthombo wesithombe: @TheGuardian

Izihloko zakamuva