
Linda Ximba
UVusi Mtolo uchithe iminyaka eminingi yekusasa lakhe elandela abaphathi abahlonishwayo abafana noCollins Nathan kanye noNick “Mthakathi” Durandt ongasekho.
Kodwa namuhla, uMtolo usengumqeqeshi futhi usezakhela ompetha bakhe.
UMtolo owazalelwa eThekwini, oseneminyaka engu-30 esebenza e-Gauteng, wabelane ne-Scrolla.Africa ngohambo lwakhe olujabulisayo.
“Sengineminyaka ngikhona ngisebenza noNick noCollin futhi senza iNingizimu Afrika yaziqhenya ngokuletha izicoco zomhlaba kunoma iziphi izininga ebesibhekana nazo”.
“Bengisekhoneni ngesikhathi uHekkie Budler ebekezelela i-knockout wanqoba i-IBF, i-WBA ne-Ring Magazine Strawweight.”
Njengomsizi wesibili ekhoneni uMtolo akazange abonwe ngumphakathi nabezindaba, ngoba ukuduma kujwayele ukutholwa umqeqeahi. Kodwa uMtolo wayehlale edlala indima ebalulekile ngemuva, eba nesandla ekunqobeni njengawo wonke umuntu.
Ngenkathi uDurandt egxile ekungeniseni umshayisibhakela empini, indima kaMtolo kwakuwukuhumisha umlayezo ngolimi lwesiZulu noma lwesiSuthu. UMtolo ubenolwazi olunzulu lokusiza ukunqamula igazi ukuze umshayisibhakela aqhubeke nokulwa uma eshayeke kabi.
Ngempelasonto e-Zululand uMtolo ukhiqize omunye umshayisibhakela wesibili uLybon Ntshani, ohlule uKhumbulani Mdletshe empini ye-WBF All Africa welterweight.
UMtolo usenabakhe abashayisibhakela abaqeqeshayo e-Rex Ultimate Boxing Gym ese-Edenvale, empumalanga yeGoli ngemuva kokuhlukana noNathan.
Uthe umqeqeshe kanzima uMoruti Mthalane ukuze abuyise isicoco se-IBF ngemuva kokukhishwa kwakhe.
“UNick ugeze izandla kuWarren Joubert kodwa ngabonisana naye futhi umfana washiya phansi esebambe isicoco saseNingizimu Afrika se-junior welterweight,” kusho uMtolo.
UMtolo uthe kuyamthokozisa ukubona abashayisibhakela abafana no-Azinga Fuzile owayelwela ukuthola i-IBF lightweight benezindlu zamaphupho abo abanye benebhizinisi lokulima nemizi emihle.
“Ukusiza abashayisibhakela babe ngompetha kuyayigculisa inhliziyo yami ngoba bekuhlezi kuyiphupho lami ukukhiqiza abadlali abaphambili kuleli,” kusho lo mshayisibhakela owake waba imfundamakhwela.