Philani Mzila
Ephelezelwa ngamadoda amabili okukholakala ukuthi angabammeli bakhe, lowo owayengumsakazi woKhozi FM ophinde abe ngumhlaziyi wezokuxhumana uNgizwe Mchunu uzinikele esiteshini samaphoyisa eThekwini Central ngoMsombuluko.
UMchunu ubelokhu ebaleka futhi ecashile kusukela ngesonto eledlule.
Kukholakala ukuthi uMchunu, odabuka eNkandla futhi ongumakhelwane walowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma, ubephakathi kwabantu abayi-12 abafunwa ngamaphoyisa ngokugqugquzela udlame e-Gauteng nase-KZN.
Izenzo zabo zobugebengu kuthiwa ziqale ngemuva nje kokuboshwa kukaJacob Zuma okuyimanje udonsa izinyanga eziyi-15 ejele ngokudelela inkantolo. Kwaqubuka udlame ngemuva nje kokuba uZuma ezinikele emaphoyiseni.
Lo DJ obephumela obala uveze ekhasini lakhe ku-Facebook ngoLwesihlanu ukuthi usekhathele ukucasha njengoba kuthiwa amaphoyisa ayamlandela.
Lokhu kulandela uchungechunge lwemibhalo kaMchunu ku-inthanethi lapho ezwakalise khona ukweseka kwakhe umkhankaso we-#FreeZuma. Ngesonto eledlule, uthathe isinqumo sokukhansela isithangami nabezindaba eGoli ngemuva kokuzwa ukuthi amaphoyisa ayamfuna.
UMchunu ubuye adume ngesiqubulo sakhe esithi, “Azikhale” (okusho ukuthi “Masikwenze”), esidume ngesonto eledlule ngesikhathi kuqhamuka ukuphanga.
Imibhalo yakhe ithole ukunakwa okubanzi ngabantu bezinhlangothi zombili zenkulumompikiswano futhi imudonsele amehlo amaphoyisa.
UMchunu ufake lo myalezo ku-intanethi: “Sengikhathele ukugijima ngicashele amaphoyisa. Impilo yami isengcupheni ngoba ngizwile ukuthi abanye abantu bafuna ukungibulala. Bangibulalela ukuzwakalisa imizwa yami ezweni lentando yeningi? Ngakho-ke ngibonisene nommeli wami futhi ngehamba namabutho ngizoya esiteshini samaphoyisa esiseduze ukuze ngizinikele. Ngifuna ukubuza ukhomishani wase-KZN ukuthi ngabe kuliqiniso yini ukuthi ngiyindoda efunwayo. Ngifuna ukwazi ukuthi kungani ngiyintshisekelo kulo lonke uphenyo lwabo.”
NgeSonto, uMchunu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umile kulokhu akushoyo: “Angihlehli. Engikubhalile ekhasini lami eliku-inthanethi kusamile. Ngikhuthazwa yimilayezo emihle nokuxhaswa okuvela kubantu ezweni lonke. Laba bantu bakholelwa ukuthi ngenza umsindo ngezizathu ezifanele.”
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu uBheki Cele ubelokhu ezwakalisa ukugxeka kwakhe uMchunu ngemibhalo yakhe evuthayo ku-inthanethi.
Imizamo yokuthola ukuphawula komkhulumeli wamaphoyisa esifundazweni sase-KZN uColonel Thembeka Mbhele ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Lena yindaba eqhubekayo.