Owayengumsakazi usevule ibhizinisi lokufaka ama-Solar

Kamogelo Olaitan

Njengoba wayesele no-R1 000 kuphela kwi-akhawunti yakhe ngemuva kokuphelelwa umsebenzi nokungcwaba ogogo bakhe ababili uZelda Nkambule ubazi ukuthi kufanele aqhamuke necebo ukuze aphile.

UZelda wase-Everton e-Sebokeng wathatha u-R1000 wafaka amalambu aphinde ashajwe kanti lo mbono wayewuthole kumakhelwane kadadewabo osebhizinisini elifanayo.

Njengoba wayedayisa amalambu emphakathini wangakubo uZelda wathola ukuthi abantu abaningi bangathanda ukuba nalamalambu ashajwayo ikakhulukazi ngesikhathi sokucishwa kukagesi.

Kulapho ethathe khona isinqumo sokungena ebhizinisini lokufaka ama-solar system wangabe esabheka emuva.

“Ngike ngenza izifundo zokufaka ama-solar kodwa ngangaqeda ngabuyela ezincwadini zami ngafunda ngokufaka ama-solar ngaphinde ngakhuluma nongoti ngicela usizo lwabo,” kusho uZelda.

Uthole usizo futhi esikhathini esingaphansi kweminyaka emibili, ibhizinisi lakhe likhula kancane futhi manje useqashe abantu ababili abamsiza ngokufaka ama-solar. 

UZelda usehambe ibanga elide selokhu adilizwa njengomsakazi we-Lesedi FM ngoMbasa ngonyaka ka-2020 ezinsukwini ezimbalwa kwethulwe isigaba sesihlanu somvalelandlini. 

Ngokushesha ngemuva kwalokho udadewabo kagogo wagula futhi wasebenzisa imali ayeyongile ukuze amnakekele. Akuphelanga amasonto ugogo wakhe naye wagula waze waphoqeleka ukuthi asebenzise yonke imali ayeyigcinile ukuze atholele ugogo wakhe usizo.

Ngemuva kwenyanga ogogo bakhe bashona ngokuhlukana ezinsukwini ezine futhi uZelda waphinde waphazamiseka.

Wayengenamali, engenamsebenzi futhi nabantu ayebathanda babengasekho.

“Ngangidayisa amalambu njengomuntu odayisa emgwaqeni ngabona abantu belunguza ngamawindi behleba ngoba ngike ngaba umethuli wezinhlelo odumile. 

Lokho akuzange kungiphelise umoya ngoba kwakumele ngiphile ngadayisa ama-solar power bank kanye namajakhethi asebusika,” kusho uZelda.

Ukuze athuthukise ibhizinisi lakhe lokufaka ama-solar uZelda wathembisa ukuba ngumsakazi wesiteshi sendawo ukuze athole ukukhangisa kwamahhala kwebhizinisi lakhe futhi ngokushesha wabe esethola izingcingo zokufaka i-solar emagumbini aqashisayo endaweni yangakubo. Kuthe engazelele wazibona esehlinzeka ngezinsizakalo zakhe ezindlini ezinkulu zabantu.

“Kwadingeka nginqobe ukwesaba izindawo eziphakeme ukuze ngibeke ukudla etafuleni. Iphupho lami manje ukuqasha abantu abaningi futhi ngikhanyise izindlu.”

UZelda ufuna ukukhulisa ibhizinisi lakhe futhi afake ama-solar ezweni lonke. Ufuna ukuvakashela e-China lapho kwenziwa khona ama-solar ukuze azibonele ukuthi umkhiqizo wenziwa kanjani.

Scrolla World Cup Quiz