Owayengumqeqeshi wamaBhokobhoko uqinisekise ngokwenzeke ku-Twitter

Dylan Bettencourt

Ithimba lebhola lombhoxo liqinisekise ukuthi i-akhawunti ka-Rassie Erasmus ye-Twitter isetshenziswe omunye umuntu ngempelasonto kulandela umbhalo ongcolile obubhalwe kwi-akhawunti yakhe.

UMqondisi webhola lombhoxo uthole ukushaqeka ngesikhathi isiqeshana esingesihle socansi sifakwe ekhasini lakhe ku-Twitter ehluleka nokusikhipha. 

Lesi siqeshana sisusiwe kwi-akhawunti ka-Erasmus esemthethweni. 

Ithimba lebhola lombhoxo likhiphe isitatimende esikhombisa ukuthi lo mqeqeshi wakudala wamaBhokobhoko akasakwazi ukusebenzisa i-akhawunti yakhe. 

“Udaba lubikiwe ku-Twitter ngethemba lokuthi luzoxazululwa ngokushesha. Noma ikuphi okuqukethwe okuvela ngaphansi kwekhasi lakhe kufanele kunganakwa ngoba akuthunyelwanga nguyena njengoba kukhona osebenzisa i-akhawunti yakhe ngokungekho emthethweni,” ngokusho kwesitatimende.

Ngaphandle kwesitatimende se-SA Rugby kubukeka sengathi u-Erasmus ukwazile ukungena kwi-akhawunti ngesikhathi ephendula lesi sigameko.

“Khona ozama kanzima ukusidonsela emgodini! Zazise ndoda! ngingajabula kakhulu ukuhlangana nawe,” kusho u-Erasmus ku-Twitter ephendula udaba mayelana nalesi sigameko.

Umqeqeshi owawina iNdebe yoMhlaba uxolisile kubalandeli bakhe ngalesi sigameko.

U-Erasmus usephenduke undabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukunqoba kwakhe ngonyaka ka-2019.

Kodwa lesi akusona isigameko sokuqala sezingxabano ezithinta uMqondisi webhola lombhoxo ku-Twitter.

U-Erasmus waqopha ividiyo eyathatha ihora ngesikhathi sohambo lwe-Britain & Irish Lions ngonyaka odlule egxeka unompempe uNic Berry ngezinqumo eziningi.

Yize kungekho lutho olubandakanya ividiyo enegama elibi okwabelwana ngayo kwi-akhawunti ka-Erasmus ye-Twitter wabelane ngamavidiyo amaningana ezinqumweni ezahlukene.

Umqeqeshi ongundabamlonyeni usolwa ngokusebenzisa enye i-akhawunti ezibiza ngoJaco Johan wabelana ngezithombe ezingezinhle abaningi abakholelwa ukuthi kwakungu-Erasmus esebenzisa i-akhawunti engaziwa.

Umthombo wesithombe: @BlogRCT

Scrolla World Cup Quiz