Owayengumphathi webhola “uqolwe imali yakhe”

Linda Ximba

“Ngiqolwe imali yami!” kukhononda uLunga Sokhela, owayenguMphathi Jikelele kuMaZulu FC.

USokhela uvulele uSabelo Nyuswa osebenza kuMasipala wase-Mooi Mpofana eKZN Midlands, amacala okukhwabanisa nawombango.

USokhela uthe waqolwa izi-R800,000 ngusomabhizinisi, ophinde abe ngumqondisi kumasipala ophikweni lwezinkampani.

UNyuswa ongaphandle ngebheyili, uvele okwesithathu eNkantolo yesiFunda eThekwini ngoMsombuluko.

Udaba lubekelwe umhla zi-2  kuNhlangulana ukuze kuqale ukuqulwa kwecala. Encwadini efungelwe ebonwe i-Scrolla.Africa, uSokhela usola uNyuswa ngokumqola imali eyizi-R80,000 ezigamekweni ezehlukene.

Uthe yena noNyuswa bangena esivumelwaneni ngowe-2019 sokuthi bazokwabelana ngezabelo kumathenda uNyuswa awatholile.

UNyuswa ubethembise ukuthi bazothola ukudla namaphasela kanye nemisebenzi yokusabalalisa amakhompyutha kuMasipala waso-Ugu kanye nase-King Edward Hospital.

USokhela uthe wasola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngesikhathi kuhamba isikhathi kodwa ingekho imali ayitholayo.

Uthe wamqonda uNyuswa ngalolu daba, kodwa wamkhohlisa ngokuthi akazange akhokhelwe, kodwa ngokuhamba kwesikhathi washintsha inkulumo wathi ukukhokhwa kwemali kumisiwe ngenxa yezinto ezingahambanga kahle.

USokhela uthe kungemva kokwenza olwakhe uphenyo lapho athola khona ukuthi wayeqolwa.

UXolani Zuma ongummeli omele uNyuswa, uthe banethemba lokuthi bazolulungisa lolu daba ngaphandle kwenkantolo.

Ummeli kaSokhela uLwazi Mnguni, ukuqinisekisile ukuthi ummangalelwa uvele enkantolo, wengeza ngokuthi usalinde umyalelo weklayenti lakhe ngaphambi kokuthi aphawule kabanzi.

Izihloko zakamuva