Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
- OwayenguSihlalo weSAA Technical, uYakhe Kwinana, uthi uphila ngemali yempesheni ka-R6 000 ngemuva kokuthweswa icala lokukhwabanisa.
- Inkantolo imnikeze ibheyili ka-R20 000 nakuba ekhale lngobumpofu bakhe yaphinde yamyalela ukuthi akhiphe iphasiphothi yakhe.
Owayeyisikhulu esiphezulu kwaSAA Technical osemangalelwe ngokukhwabanisa uvume ubumpofu bakhe phambi kwenkantolo emzamweni wokuthola ibheyili engatheni.
Lowo owayengusihlalo webhodi leSAA Technical utshele inkantolo ukuthi usephila ngo-R6 000 nje kuphela ngenyanga ngemuva kokuxoshwa emsebenzini wokuba ngumgcini mabhuku.
UYakhe Kwinana uvele eNkantolo Yamacala okuKhwabanisa iziMali neNkohlakalo ePalm Ridge ngamacala okukhwabanisa ahlobene nesivumelwano esingu-R59 million.
Egqoke ezimhlophe, lona wesifazane(60) uthe akukho okubi akwenza yena ngesikhathi esebenzisana nezinkampani zabacwaningi mabhuku i-PWC neNkonki Incorporated ngo-2011.
Abashushisi bathi akazange ayitshele ibhodi yeSAA Technical ukuthi wayenobudlelwano nalezi zinkampani ngesikhathi zithola umsebenzi wokuhlola amabhuku enkampani.
IKhomishana kaZondo mayelana nokugwamandwa kombuso ithole ukuthi wayishaya indiva imithetho yokungqubuzana kwezintshisekelo. Kuthiwa kufanele aphenywe ngemuva kokuthola u-R4.7-million kusonkontileka wakwaSAA.
Enkantolo, uKwinana ukhulunyelwe ngummeli wakhe, u-Advocate Lindelwa Mbanjwa, wathi inkampani yezindiza ayizange ilahlekelwe yimali futhi nomsebenzi wenziwa. Wathi yena wayengenawo amandla okuqoka abazothola izinkontileka phakathi kuka-2011 no-2016.
Ube esecela ibheyili ka-R5 000 ethi akasakwazi ukusebenza ngemuva kokuvela kwiKhomishini kaZondo.
“Wagxekwa kakhulu embonini waze waxoshwa yibhodi labagcini mabhuku lakuleli (SACA) ,” kusho uMbanjwa etshela inkantolo.
“Ngithembele emalini yempesheni ka-R6 000 kuphela,” kusho uKwinana esitatimendeni sakhe.
Inkantolo ayizange ikukholwe lokho, yabe isikhipha ibheyili ka-R20,000.
Inkantolo ibeke imithetho eqinile ngenkululeko yakhe. Kufanele anikezele ngencwadi yakhe emgunyaza ukuhambela amazwe angaphandle emaphoyiseni futhi akakwazi ukufaka isicelo samaphepha amasha okuhamba. Uma efuna ukuhamba eGauteng, kufanele atshele amaphoyisa ezinsukwini ezimbili ngaphambi kokuthi ahambe.
Futhi kufanele ayosayina ekamu lamaphoyisa lase-Olivenbosch njalo ngoMsombuluko futhi angasondeli nakancane nje kofakazi.
Icala lizobuyela enkantolo mhla ziyishumi kuZibandlela. Abashushisi bathi sebeluphothulile uphenyo.
Osesithombeni esingenhla: uYakhe Kwinana.
Umthombo Wesithombe: Doreen Mokgolo