Owayengumphathi wasehhotela lase-Rwanda utholakale enecala lokusabisa

Arthur Greene

UPaul Rusesabagina, owake wanconywa ngokusindisa izimpilo zabantu abayi-1,200 ngesikhathi kubulawa abohlanga ngonyaka wezi-1994, ugwetshwe iminyaka engama-25 esejele ngamacala asondelene nokusabisa.

URusesabagina oneminyaka engama-67, utholakale enecala lokusungula nelokuxhasa ngemali iqembu elihlomile elabekwa amacala okuhlasela iNingizimu kanye nentshonalanga ye-Rwanda lapho okwabulawa khona abantu abayisishiyagalolunye ngonyaka wezi-2018.

Noma kunjalo, udube ukuqulwa kwecala lakhe, elibiza ngechilo, kanti ohulumeni abaningi kanye neqembu elilawula amalungelo abantu bayakhalaza bethi aliqulwanga icala lakhe ngendlela.

URusesabagina waba iqhawe lesizwe ngemuva kokunika abantu indawo yokufihla ikhanda abayi-1,200 ehhotela eliphethwe uyena e-Kigali ngesikhathi sokubulawa kwabohlanga ngonyaka wezi-1994.

Izenzo zakhe zaba isifundo ehhotela lase-Rwanda, waphinde wathola i-Oscar ngesikhathi eqokwe kwi-Hollywood film, lokho kwamnikeza udumo emazweni wonke.

Kodwa leli qhawe lesizwe seliphenduke isitha sombuso ngemuva kokuba wayehlezi egxeka uhulumeni kaPaul Kagame.

URusesabagina ubeke izinsolo umbuso oholwa ama-Tutsi ngokuhlukumeza amalungelo abantu kanye nokwakha itulo lokubulala uHutus eminyakeni elandela ukubulawa kwabohlanga.

Washiya isizwe ngonyaka wezi-1996 wahlala ekudingisweni kwaze kwaba nguMandulo ngonyaka wezi-2020, ngesikhathi abaphathi base-Rwanda bemngenisa kwindiza e-Dubai okukholelwa ukuthi wayebheke e-Burundi.

Kunalokho India yama e-Rwanda, owayengumphathi wehhotela waboshwa ngokukhulu ukushesha.

Abasekela uRusesabagina kade benethemba lokuthi angeke agwetshwe, kodwa ngoMsombuluko inkantolo yamthola enecala.

“URusesabagina utholakale enecala lokuba ilungu leqembu elisatshwayo eliphinde lisabise,” kanti ijaji uBeatrice Mukamarenzi uthe. “Isenzo sakhe sokuphekula saholela ekushoneni kwabantu,”

Noma kunjalo, umndeni kaRusesabagina kanye nomphakathi osemazweni aphesheya bachithe isinqumo esithathiwe.

Indodakazi kaRusesabagina, uCarine Kanimba, uthe ufuna ubaba wakhe ekhishwe ngokushesha waphinde wathi amacala akhe ayabonakala ukuthi asunguliwe.”

“Bamdonsa kumngcele wamazwe omhlaba baphula umthetho wamazwe. Ubaba wami uyazi ukuthi amalungelo akhe ahlukumeziwe…. Ingakho ethathe isinqumo sokuphuma ngesikhathi sokuqulwa kwecala lakhe,” etshela i-AL Jezeera.

UNgqongqoshe wezangaphandle e-Belgium uSophie Wilmes uthe kwisitatimende uRusesabagina akazange ahlomule noma athole ukushushiswa okuneqiniso, ikakhulukazi okuphathelene namalungelo okuzivikela.”  

Umthombo wesithombe: @nytimes

Izihloko zakamuva