Owayengumphathi wamasosha ase-Colombia ubekwe icala lokubulala izinkulungwane zabantu

Arthur Greene

Kusukela ngowezi-2008, itemu elithi-‘positives false’ belinencazelo embi e-Colombia.

Kushiwo kwizakhamizi zase-Colombia eziyizi-6 402 ezazibulawa ngamasosha ezwe uqobo phakathi kowezi-2002 nowezi-2008 ukuze zibhaliswe njengabashokobezi bama-guerrilla ababulawa empini.

NgeSonto, ummeli-jikelele wezwe waletha amacala amayelana noGeneral Mario Montoya, owayengumphathi we-Colombian Army, obesolwa ngokwengamela ukubulawa kwabantu abayi-104 balabo bantu.

UMontoya wathatha izintambo zombutho wezempi ngonyaka wezi-2006, ngenkathi ukungqubuzana namabutho ezwe ama-guerilla kwakuphezulu kakhulu.

UJenene ulethe udlame olungakaze lubonwe kulempi, enikeza izikhuthazo ezinjengamaholide nokukhushulwa emasosheni angahlasela isibalo esiphezulu sababulali.

UMontoya waze wayalwa wumnyango wezokuvikela wezwe kanye nomyalo wamasosha ukuthi abeke phambili ukuthathwa kwamacala okubulala, kodwa wehluleka ukuwadlulisa.

“Uqhubeke nokuhlola amakhomanda ngenani labashonile ababulawa empini,” kusho umqulu wehhovisi lommeli jikelele ngokusho kwe-Reuters.

Iningi lokubulawa kwabantu lenzeke lapho owayenguMengameli wezwe u-Álvaro Uribe elwa neqembu lamavukelambuso elibizwa nge-Revolutionary Armed Forces of Colombia.

Inkantolo ekhethekile yokuthula, eyaziwa njenge-JEP, ithole ngoNhlolanja ukuthi okungenani abantu abayizi-6 402 babulawa njenge-‘false positives’.

Inqubomgomo yokubulala yavela ngowezi-2008, kwathi i-‘False Positives’ yaba yihlazo kuzwelonke.

Kusukela lapho, isithunzi sikaMontoya sehlile. Ngokusho kwesazi sezempi sase-South America u-Adam Isacson, umphakathi umubheka kakhulu “njengojenene olinganisa impumelelo ngokubalwa kwezidumbu”.

Kodwa-ke, kusukela enze isimemezelo ummeli-jikelele ngeSonto, uMontoya ubonakale engathinteki futhi isisulu sombuso wakhe besiphelelwe yithemba lokuthi abezukubuthola ubulungiswa ngala macala.

“Njengesinye sezisulu zakhe, ngithi kuMario Montoya ngifuna ubhekane nobulungiswa, ukuze ubhekane neqiniso,” kusho uBlanca Monroy, umama wesinye sezisulu etshela i-Guardian.

“Ngijabule ukuthi ubulungiswa base-Colombia ekugcineni buletha imiphumela ethile, futhi ngiyethemba ukuthi uzobekwa amacala futhi abhadle iminyaka eminingi ejele ngalokho akwenzile”.

Umthombo wesithombe: @telesurenglish

Izihloko zakamuva