Dylan Bettencourt
Owayengumphathi wamajaji uMogoeng Mogoeng uthi wasebenzisa umkhuleko ukwelapha izithandani ezaziphila negciwane le-HIV/Aids.
UMogoeng, ongumKrestu okhulekayo, ukusho lokhu ohambweni lwakhe lwezenkolo phansi kwesihloko esithi “Healing the Nation of Africa’’ oluqale mhla zingama-22 kuLwezi nalapho iqembu lisuka eKapa liya e-Egypt.
Ekhuluma ngesikhathi eshumayela amahora amabili, uMogoeng uthe ubengumKrestu osemusha ngesikhathi isisebenzi sakhe nomkakhe behlaselwa igciwane le-HIV/Aids kwaphinde kwashona nengane yabo.
“Bavele bancipha emzimbeni. Ngathi ake ngikukhulekele lokhu. ‘Egameni likaJesu, umoya we-HIV/Aids uyahamba!’.”
UMogoeng uthe ubesizikhohliwe lezi zithandani ngemuva kokubabona muva nje lapho abemtshele khona ukuthi sebelaphekile kuleli gciwane ngenxa yomthandazo.
UMogoeng uthe uselaphe nesihlobo salezi zithandani esingakwazi ukuziphakamisa embhedeni futhi sigcwele izilonda.
Owayengumphathi wamaJaji uthe isihlobo safika kuye ngemuva kwamasonto sizombonga ngokumelapha sathi lona wesifazane ubukeka esephilile ngemuva kokuba umndeni ucabange ukuthi useyashona.
“Ngangethukile. Ngangingakholwa njalo ukuthi uNkulunkulu anganika izingane zakhe amandla angaka,” kusho uMogoeng mayelana namandla akhe okuphilisa.
Umphathi womnyango wezempilo nomphakathi ophikweni lwesayensi yezempilo enyuvesi yase-Walter Sisulu, uSolwazi uFrancis Hyera uthe lezi zicelo angeke baziseke ngoba buncane ubufakazi obusekela lokhu.
“Angiphikisi ukuthi umkhuleko ungenza izimanga, kodwa sidinga ubufakazi bokuthi izithandani zazinegciwane lengculazi ngempela,” kusho uHyera.
“Siyazi ukuthi iBhayibheli lisitshela ukuthi uJesu Kristu wavusa othile kwabafileyo, kodwa sidinga ulwazi olusekelwe ngobufakazi. Baningi abantu emazweni amaningi abathi belapha igciwane le-HIV/Aids ngomthandazo, kodwa abangenabo ubufakazi,” kusho lo Solwazi.
UMogoeng uke wagxekwa ngokweseka iJerusalema okwadala ukuthi inhlangano elwela amalungelo abantu i-Africa4Palestine ifake isikhalo ku-Judicial Services Commission mayelana nokwephulwa kwemithetho yenkantolo kulandela ukuphawula kwakhe nge-Israel.
Umthombo wezempilo: @TheGuardian