Dylan Bettencourt
U-Albert Benaiges, owayengumphathi wohlelo lwentsha yase-Barcelona owathola udumo ngokuthola u-Andrés Iniesta, usolwa ngokunukubeza izingane ngokocansi.
Njengoba lesi sikhungo saziwa njengezinye ezihamba phambili emhlabeni, abaphathi besikhungo sase-La Masia bashaqeke kakhulu.
Indoda eyathola futhi yabumba abadlali abaningana abahamba phambili abake badlala lo mdlalo uhlaselwe iphephandaba i-Catalan ngezinsolo zokuhlukumeza ngokocansi.
Uphenyo lwaleli phephandaba lubone ofakazi abangaphezu kwabangama-60 benikeza imininingwane mayelana nendlela umqeqeshi wase-Spain ahlukumeza ngayo izingane ngokocansi ngesikhathi enguthisha wemfundo yokuzivocavoca esikoleni e-Les Corts, e-Barcelona.
UBenaiges kuthiwa waziveza kubafana namantombazanyana asemancane esikoleni, wabathinta ngendlela engafanele waze waphoqa izingane ukuthi zikhumule phambi kwakhe. Uke wasolwa nangokushaya indlwabu phambi kwezingane ngesikhathi ezikhombisa izithombe zocansi.
Azikho izinsolo ezike zavela kubadlali bakudala be-Barcelona kulesi sikhungo abengumqeqeshi kuso kusukela ngonyaka wezi-1992 kuya kunyaka wezi-2012.
Kodwa lo mdlali wase-Spain waxoshwa eqenjini lase-Mexico i-Chivas ngonyaka wezi-2014 kulandela izikhalo zabazali.
Ngemuva kweminyaka emine uBenaiges wajoyina uVissel Jobe wase-Japan lapho kudlala khona u-Andrés Iniesta.
Ushiye ngemuva kokunikezwa ithuba lokudlala e-Barcelona ngoMbasa. Umsolwa oneminyaka engama-71 ubudala ube esesula esikhundleni sakhe ekuqaleni kwaleli sonto ngenxa yezizathu zakhe.
“Angikaze ngilimaze muntu futhi uma ngenzile bengingahlosile. Nginendodana engayithola ngokusemthethweni kanye nezingane ezine nazo engazithola kwikhaya lezintandane; unembeza wami umsulwa, angikaze ngiphoqe muntu, futhi ngiyabagxeka abanukubezi,” kusho uBenaiges etshela i-Ara, iphephandaba elenza uphenyo.
Umdlali wangaphambilini kanye nomphathi weqembu lokuqala uXavi utshele izintatheli ukuthi “umangele kakhulu” ngezinsolo ezibhekiswe kumqeqeshi owayemfundisa esikoleni se-Barcelona youth academy.
Umthombo wesithombe: @Kiratas