Owayengumpetha wesibhakela ulinde isinxephezelo

Linda Ximba

U-Innocent Mthalane lokhu alinda kusukela ngo-2007 ukuthi i-Boxing SA imkhokhele imali ngemuva kokulimala ekhanda okwaqeda ngekusasa lakhe esibhakeleni.

Umndeni walowo owayengumpetha waseNingizimu Afrika we-featherweight uthe manje usenesifo sokuwa.

UMthalane, ongomunye wabashayisibhakela abebeqavile, ngo-2000 nguyena obephethe izintambo esigabeni se-featherweight.

Waphoqeleka ukuthi ashiye lo mdlalo wesibhakela owawubeka isinkwa etafuleni lomndeni  ngemuva kokulimala ekhanda.

Ngonyaka odlule wathulula isifuba sakhe ku-Scrolla.Africa mayelana nokuzabalaza kwakhe ne-Boxing SA, wathi abakamniki isinxephezelo ngokulimala kwakhe.

Ubaba wezingane ezimbili oneminyaka engu-45 kumele ngabe usesitholile isinxephezelo ngemuva kokuphoqwa ukuba ashiye phansi isibhakela.

I-Boxing SA idonsa u-1.5% emalini yemiklomelo yabo bonke abashayisibhakela njengeminikelo yesikhwama sayo sokubasiza.

Umfowabo omncane kaMthalane, uBhunu Mthalane, uthe umfowabo usanda kuhlaselwa isifo sokuwa.

“Lokhu kuqale ngasekupheleni konyaka odlule. Ubezama ukusiza intsha endaweni yangakubo kodwa wayevele ewe. Lokhu kufake inselelo enzima emndenini. Besinethemba lokuthi ngalesi sikhathi izobe isingenile imali yakhe ukuze simtholele usizo lwezempilo,” kusho uBhunu.

Ebuzwa ngezakamuva ngesicelo sikaMthalane, uMphathi we-Boxing SA eKZN uMike Dube uthe uyazi ukuthi uMthalane wakhuluma ngesicelo sakhe ngonyaka odlule.

“Ngamcela ukuthi akhiphe ubufakazi bodokotela bokuthi walimala esangumshayisibhakela. Uzonikezwa imali uma esewanikeze wonke amaphepha adingekayo”.

UMthalane ubambe isicoco sakuleli ngo-2000 nango-2001, waqeda umsebenzi wakhe ngendlela encomekayo ezimpini eziwu-26 ngokuwina ezingu-18, wahlulwa eziyisikhombisa wadlala ngokulingana kweyodwa.

Izihloko zakamuva