Owayengumnyeni kaSomizi Mhlongo uMohale uklonyeliswe ngendondo kuma-CAC

Sizwe Sibiya

Umlingisi ophinde abe ngusomabhizinisi owayengumyeni kaSomizi Mhlongo, uMohale Motaung ubuye nendondo kuma-Africa Choice Award (ama-ACA) ngemuva kokujabulisa uMzansi kusukela ngomshado wakhe wangonyaka wezi-2019.

UMohale ucele abalandeli bakhe ku-Twitter ukuthi bamvotele emkhakheni we-Male Personality of the Year ku-ACA ngoNcwaba, okuwumcimbi waminyaka yonke wokuhlonishwa owethulwa yiphephabhuku i-Vergeria Life yase-Nigeria.

I-ACA ibona impumelelo encomekayo kwezokuzijabulisa, ezemfashini nezobuciko.

“Kuzomele nivuke ngoba ngiklonyeliswe ngendondo ye-male personality of the year INTERNATIONAL e-Nigeria izolo ebusuku!!!!!” kusho uMohale ku-Twitter ngemuva komcimbi wezindondo obungoMgqibelo.

Njengoba  aqala umsebenzi wakhe wokulingisa emdlalweni we-MTV ogama lawo i-Shuga:  ifilimu yaseNingizimu Afrika yangonyaka wezi-2019 enabalandeli abaningi eNtshonalanga ye-Afrika lapho eyaqala khona, akumangazi ukuthi uMohale ubuye nalendondo ekhaya, naphezu kwayo yonke imibiko emibi eyavela ngokuhlukana kwakhe noSomizi.

“Ngibonga ngokukhethekile kuwo wonke umuntu ovotile. Ningizimu Afrika le sibuye nayo ekhaya,” kusho umphathi oneminyaka engama-27 wenkampani yemfashini i-Glam Troupe ese-Kibler Park eGoli.

Abanye abaphumelele ku-ACA abavela eNingizimu Afrika kubalwa laba:

UCeleste Ntuli – Comedian of the Year

UTheo Baloyi – Entrepreneur of the Year (Male)

UPhupho Gumede Kardashian – Fashion Stylist of the Year

URoberto Kyle – Most Promising Actor of the Year

UVicky Erin Ramsingh – Video Vixen of the Year

Izihloko zakamuva