Everson Luhanga
Owayengumlingisi we-Generations uRantebeng Mokapana usenqume ukuhosha imfe empini yakhe yesihlalo sobukhosi base-Bakgatla Ba Mosetla.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi umzala wakhe uKgosi Nchaupe III egcotshwe njengeNkosi emcimbini oyingqophamlando obungaze waphinde wavuselela isiko la-Batswana e-Mokapanstard (Moseta) e-Hammanskraal.
Ngo-2015 uMokapana wazithola esengene shi embangweni wobukhosi ngemuva kokukhothama kukayise uMotshegwa Hendrick Makapan owayeyiNkosi ngaleso sikhathi.
Ubeyindlalifa efanele kodwa ezinye izinduna zazinomona futhi zazifuna ubuholi, ngokombiko we-Daily Sun.
Kwaba nokukhathazeka ngokuthi umsebenzi wakhe wokulingisa indawo kaMorapedi kuMuvhango ungaba nomthelela esihlalweni sobukhosi.
NgoNdasa okhulumela iNdlunkulu uLencoe Makapan wacacisa ukuthi uMotshegwa Hendrick Makapan uyise kaRantebeng wasebenza njengebamba ngemuva kokudlula emhlabeni kukaKgosi Nchaupe II ngeminyaka yango-1980.
Kodwa-ke, ngesikhathi sokugcotshwa kwakamuva uMokapana ubeseka umzala wakhe uKgosi Nchaupe III kanye namanye amalungu omndeni wasebukhosini begubha ndawonye.
Ukugcotshwa kukaKgosi Nchaupe III kube umzuzu wenjabulo enkulu e-Makapanstad njengoba abantu abavela kuzo zonke izizinda bebuthane kule ndawo ukuze babone umcimbi okade walindwa.
Isizwe se-Bakgatla Ba Mosethla sikhangise ngemvunulo yaso yesintu saheha bonke abebehambele lo mcimbi.
UKgosi Nchaupe III uchazwa njengomuntu onombono omuhle ngomphakathi wakubo futhi kuthiwa ubambe iqhaza elikhulu ekuthuthukiseni imfundo ngenhlangano yakhe.
Esithombeni esingenhla: Owayengumlingisi we-Generations uRantebeng Mokapana emcimbini wokugcotshwa kukamzala wakhe uKgosi Nchaupe III e-Hammanskraal
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe