Lubhalwe nguSandile Mdletshe
U-Owen Ndlovu, owayengumsakazi woKhozi FM nophinde abe yisikhulu esiphezulu se-Away From Here, kubikwa ukuthi usemangalele i-Southern African Music Rights Organisation (Sambro) ngokuhoxisa inkontileka yenkampani yakhe.
Inkampani kaNdlovu yathola ithenda ka-R20 million ne-Sambro ngoMbasa, eyabuye yahoxiswa.
Imithombo ithi uNdlovu wenqabile ukwenza obekufunwa usihlalo we-Sambro uNicholas Maweni.
“Kusithusile ukuzwa ukuthi inkontileka ihoxisiwe ngoba u-Owen wenqabile ukulandela imigomo nemibandela kasihlalo,” kusho umthombo.
Omunye umthombo uthe: “Sizwe ngandlebenye ukuthi kwa-Sambro, kufanele wenze okuthile okufunwa yibo ukuze usebenze kahle no-Sambro ngaphandle kwezihibe.”
UMaweni ukuphikile ukuthi uyabandakanyeka ohlelweni lwethenda wabe esebhekisa imibuzo ku-CEO yakwa-Sambro u-Annebell Lebethe.
ULebethe akaziphendulanga izicelo zokuthi aphawule ngalolu daba.
UNdlovu uthe ngeke akwazi ukuphawula “njengoba sekungene nabameli”.
“Angizange ngikhulume ngayo esidlangalaleni ngoba ngikholwa wukuthi singakwazi ukufinyelela esixazululweni esihle esizolungela izinhlangothi zombili.
Akaqali ukuba sematheni uNdlovu. Phambilini uke wamangalela i-SABC ngomncintiswano we-Song of the Year, owagcina uhoxisiwe.
Osesithombeni ngenhla: U-Owen Ndlovu.
Umthombo: Sithunyelwe
