Lubhalwe nguRorisang Modiba
Owayeyisihlabani sikamabonakude uPushie Dunn ugcine udaba lomshado wakhe laba imfihlo unyaka wonke ngesikhathi ezakhela impilo entsha njengomfundisi eMelika.
UDunn waphinde wathola uthando ngemuva kwesehlukaniso esibuhlungu futhi uthi ujabule uyamthanda nomyeni wakhe omusha.
Owayengumethuli we-Jam Alley uPushie Dunn, manje osengumfundisi eMelika, ugubha iminyaka yakhe yokuqala eshadile ngemva kokugcina umshado wakhe uyimfihlo isikhathi esingangonyaka.
UDunn, owashiya eNingizimu Afrika waya eMelika eyogxila ekubeni umfundisi, ubophe ifindo likasofasilahlane ngemuva kokujola nomyeni wakhe iminyaka emihlanu.
Othile osondelene nalezi zithandani utshele iZimoja ukuthi uDunn ufuna ukuvikela impilo yakhe entsha.
“Ufuna ukuvikela umshado wakhe ngayo yonke indlela, akasathathwa njengosaziwayo, usengowesifazane kaNkulunkulu futhi ufuna ukwaziwa ngezwi likaNkulunkulu ngaphezu kobudlelwano bakhe,” kusho umthombo.
Naphezu kokufuna ukuphila impilo eyimfihlo, uDunn akakwazanga ukuzibamba ngokwabelana ngenjabulo yakhe ezinkundleni zokuxhumana.Uvule isifuba ngokuthola uthando ngemva kokuphela komshado wakhe wokuqala ngenxa yokuphinga.
“Ngangihlala ngithi umyeni wami olandelayo uzoba yisipoki, angisoze ngamuveza. Kodwa nakhu ngizama ukukhumbula ukuthi ngingumfundisi futhi kufanele ngifake inkonzo ikakhulukazi, angikwazi ukuzibamba. Angikaze ngicabange ukuthi ngingumfundisi ngingaphinde ngiluthole uthando, kodwa nakhu sengijabule futhi ngisemathandweni,” kubhala yena.
Ubonge abaholi bakhe uMfundisi uPaula White kanye noMfundisi uRay McCauley, ababebikezele ukuthi wayezothola umlingani wakhe ophelele, ambiza ngokuthi uBoaz.
“Ngiyabonga kunina nonke, abefundisi bami, abangani, nomndeni. Futhi ngiyabonga, Nkosi,ngoBoaz wami. Angikholwa ukuthi sekuphele unyaka, futhi ngizwa sengathi sisaqala nje,” kubhala yena.
Esithombeni esingenhla: Owayengumethuli we-Jam Alley uPushie Dunn ugubha unyaka eshadile.
Umthombo: Instagram