Arthur Greene
OwayenguMengameli wase-France, uNicolas Sarkozy, usephinde wagwetshwa unyaka owodwa ebhadla ejele ngokuxhasa umkhankaso wokhetho lukaMengameli ngonyaka wezi-2021 ngokungekho emthethweni – kodwa wahlulwa.
Inkantolo yase-France ithole uMengameli enecala ngokusebenzisa izigidi zamarandi ezidlulele kunemali ayekalelwe yona ukuthi ayisebenzisele umkhankaso.
USarkozy angeke aboshelwe ngaphakathi ejele, njengoba evunyelwe ukuqhuba isigwebo sakhe esemzini wakhe efakwe i-eloctronic bracelet.
USarkozy ungomunye wabantu abayi-14 abasolwa ngokukhwabanisa kumkhankaso, kanti kule licala abezindaba base-France babhekisa leli hlazo enkampanini i-Bygmalion.
Iqembu likaSarkozy i-UMP litholakale linecala ngokusebenzisa izigidi ezi-393 zamarandi ngokuphindwe kabili bayisebenzise kumkhankaso, ngemuva kokuzama ukufihla imali abayisebenzisile baqasha inkampani ye-PR ebizwa nge-Bygmalion ukuba ibheke imali esetshenziswe iqembu, ingabheki esetshenziswe kumkhankaso.
USarkozy uyaziphika izinsolo zonke futhi ulindeleke ukuthi afake esinye isicelo esiphikisana nesinqumo senkantolo.
Ngemuva kokuhlulwa kumkhankaso,. uSarkozy waphenywa emacaleni obugebengu. USarkozy oneminyaka engama-66 usegwetshwe emajele amathathu ahlukene kulo nyaka.
Ekuqaleni kwalo nyaka, wanikwa isigwebo sokuya ejele, waphinde wanikwa esinye ngalowo nyaka – ngenxa yecala lokukhwabanisa nelokuba nethonya kwinkohlakalo. Uyena uMengameli wokuqala ukugwetshwa, kodwa uphinde wafaka isicelo.
Ukugwetshwa kwakhe kwesibili onyakeni kweza ngoNdasa, ngemuva kokutholakala enecala lokuzama ukufumbathisa ijaji ngonyaka wezi-2014. Wathi kwijaji uzolinika isikhundla esiphezulu uma ngabe engamnika imininingwano ngecala lakhe.
Umthombo wesithombe: @nytimes