OwayenguMengameli uphoxekile ngesinqumo seTheku

Lungani Zungu

Lowo owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma kubikwa ukuthi udinwe waganwa unwabu ngemuva kokuthi i-ANC kwisifunda saseThekwini ichithe lowo owayengunkosikazi wakhe uNkosazana Dlamini-Zuma. Lesi sifunda siphakamise uZweli Mkhize njengoba kuyiwa engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC ngoZibandlela.

Okubi kakhulu ukuthi Itheku isifunda okuphuma kuso uDlamini-Zuma.

Lesi sifunda esiholwa nguZandile Gumede osemnkantshubomvu ku-ANC sishiye abaningi ezinhlakeni zezepolitiki ze-ANC bemangele ngesikhathi siqoka uMkhize ukuthi ahole leli qembu.

ITheku liphinde laqoka umgcinimafa-jikelele we-ANC ophinde abe ngunobhala-jikelele osabambile uMnu Paul Mashatile kwesePhini likaMengameli.

Eziphendulela uGumede uthe amagatsha asebenzisa amalungelo awo okuzikhethela uMkhize.

“Asikwazi ukubikela amagatsha ukuthi kumele akhethe bani. Lolu uhlelo lwentando yeningi,” kusho uGumede etshela i-Scrolla.Africa.

I-ANC eKZN izothumela izithunywa ezingu-877 engqungqutheleni kazwelonke.

“UMsholozi uphatheke kabi ngokuthi isifunda seTheku sikhethe uMkhize esikhundleni sokuthi bakhethe uDlamini-Zuma udangele ngesinqumo sabo,” kusho omunye osondelene noZuma esifundeni i-Moses Mabhida.

Kumanje uZuma kuthiwa uhlela uchungechunge lwemihlangano nezifunda ezinohlonze ngaphambi kwengqungquthela kaZibandlela.

Kumanje abantu abane abagaqele isikhundla esiphezulu ku-ANC uMkhize, uDlamini-Zuma, uLindiwe Sisulu kanye noMengameli uCyril Ramaphosa.

Umuntu ozodla umhlanganiso nguyena ozolandela emgqeni wokuhola izwe njengoMengameli uma kwenzeka i-ANC inqoba ukhetho lukazwelonke ngo-2024.

Imizamo yokuthola ukuphawula kukaDlamini-Zuma ayiphumelelanga njengoba umakhalekhukhwini wakhe ubuvaliwe.

Kubikwa ukuthi uZuma utshele ithimba ebeliholwa nguNobhala-Jikelele osamisiwe u-Ace Magashule ukuthi kumele beseke uDlamini-Zuma.

Izithunywa ezingaphezu kuka-4700 zizoqoka ubuholi be-ANC obusha ngoZibandlela.

Izihloko zakamuva