Lubhalwe nguZukile Majova
Umsunguli woMkhonto weSizwe, uMnuz Jacob Zuma, kulindeleke ukuthi akhulume nesizwe mayelana nezigigaba zakamuva ngendlela elibuswa ngayo izwe.
UZuma usenxuse isizwe ukuthi simboleke izindlebe ngoLwesine njengoba ezokwethula inkulumo yakhe e-The Capital Empire.
Isimemo sabezindaba esivela kokhulumela iqembu le-MK uNhlamulo Ndhlela sithi: “UMengameli kanye nobuholi beqembu bazokhuluma ngezindaba zenhlangano ezibalulekile enkulumweni yezwe kanye nomgudu weqembu wesikhathi esizayo kwezombusazwe eNingizimu Afrika.”
Lokhu kuvela njengoba amalungu ayishumi eqembu le-MK asePhalamende ebheke eNkantolo eNkulu yaseKapa ukuze aphikise ukuxoshwa kwawo ngokungafanele yiqembu lawo.
Laba abasuswe ezihlalweni zabo ePhalamende bathi lokhu kwenzelwa ukuthi kuvuleleke indawo yamalungu e-EFF afana noFloyd Shivambu noJimmy Manyi abasanda kuhlubuka eqenjini labo bangena kuleli lika Zuma.
Iqembu lilindele kuhlubuke abaningi ku-EFF kanye ne-ANC emasontweni ezayo.
Kulindeleke ukuthi uZuma aqinisekise amaqembu aphikisayo ukuthi inhlanganisela yamaqembu ebizwa ngeProgressive Caucus ePhalamende izoqhubeka nakuba kuke kwaba nokungaboni ngaso linye phakathi kukaShivambu noMalema.
Ikhokhasi yakhiwe kakhulu yi-MK, i-EFF kanye namaqembu ambalwa abantu abamnyama angaphandle kukahulumeni obusayo wobumbano kuzwelonke.
Inkulumo kaZuma kulindeleke ukuthi icacise ngesikhundla sikaShivambu eqenjini le-MK kanye neqhaza lakhe ePhalamende.