OwayenguMengameli uDe Klerk usempini enzima yokulwisana nomdlavuza

Lungani Zungu

OwayenguMengameli wakuleli uFW De Klerk uyagula kodwa angawenza umsebenzi wakhe.

Lokhu kushiwo yisisekelo sakhe ngemuva kwemibiko yokuthi lowo owayenguMengameli ungeniswe esibhedlela.

NgoLwesibili isisekelo sivumile, nokho, ukuthi uDe Klerk uthola ukwelashwa komdlavuza kodwa esitatimendeni uthe: “Akukho ukuyingozi okubonakalayo empilweni yakhe”.

Lowo owayeyisikhulu sikahulumeni oneminyaka engama-85 wamemezela ngoNdasa ukuthi utholakale ene-mesothelioma.

Lo mdlavuza uthinta ulwelwesi lwamaphaphu, futhi izimpawu zawo zibandakanya izinhlungu zesifuba, ukukhwehlela nokungakwazi ukuphefumula kahle.

“Manje ucabanga ukuqhubeka nokuzelapha nge-immunotherapy abekade ekwenza ezinyangeni ezimbili ezedlule,” bayasho.

Isisekelo sithi uDe Klerk ubehambele umhlangano webhodi ngoMsombuluko kanti futhi uya nasehhovisi kathathu noma kane ngesonto.

“Yena nomkakhe, u-Elita, banethemba lokuya emaholidini e-Greece ngokushesha nje lapho imikhawulo ye-Covid isivuma.”

UDe Klerk wamemezela ukukhululwa kukaNelson Mandela ngowe-1990 ngemuva kweminyaka engama-27 ebhadla ejele, wavula indlela yokuxoxisana kwaseNingizimu Afrika.

Uphakamise intukuthelo yabantu abaningi ngenkathi ethi ngonyaka odlule akakholwa ukuthi ubandlululo kuyicala elibhekiswe esintwini. Kodwa-ke, uthe ubandlululo alunakulungiswa.

Umndeni wakhe ucele ukuba uyekwe ube wodwa.

Umthombo wesithombe: @deklerk_fw

Izihloko zakamuva