Owayengumdlali wethenisi unikeza ithemba esizweni esinamakhono amancane 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Owayengumpetha wase-Cameroon uJoseph Oyebog uhola i-Oyebog Tennis Academy ezweni lakubo ukuze asekele imiphakathi engakwazi ukufinyelela ezikhungweni.

U-Oyebog waqala lesi sikhungo ngo-1999 ngesikhathi ekhipha amabhola ethenisi lapho okulahlwa khona udoti eMelika bese ewathumela e-Cameroon.

“Njengoba ngingumamukeli wesipho esinjalo sothando lwethenisi bengifuna ukwabelana ngalolu thando nezinye izingane,” kusho u-Oyebog etshela i-Reuters.

“Sifuna ukunikeza yonke ingane ithuba lokudla okuhlanzekile, amanzi ahlanzekile, imfundo nendawo yokudlala.”

UManantsop Delisle (14) ungomunye wabafundi asebehambe ibanga elide kulesi sikole. U-Oyebog wamqoka ngemuva kokuhlulwa emdlalweni wokuzilolonga eminyakeni eyisithupha edlule.

“Ukube bekumele ngikhokhele yonke into ukuze ngimfikise lapho akhona namuhla bengingeke ngikwazi. Silwela ukuphila,” kusho umama kaManantsop etshela i-Reuters.

Lesi sikole sinikeza ukuqeqeshwa ngezindleko eziphansi kakhulu futhi manje sinezikhungo ezingu-25 ezinabafundi abangaphezu kuka-12,000. Sihlezi sigcwele ngenxa yokusekelwa abaxhasi emhlabeni jikelele.

Esithombeni esingenhla: UJoseph Oyebog

Umthombo wesithombe: @otacameroon

Izihloko zakamuva