Owayengumdlali weSundowns uphume ngebheyili ka-R5 000 ngelodlame lwasekhaya

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Udedelwe ngebheyili ka-R5 000 owayengumdlali weMamelodi Sundowns, uPhakamani Mahlambi oboshelwe udlame lwasekhaya ngoLwesibili. Kuthiwa uPhakamani nentombi yakhe baxabane bebanga isifudumezi wase egcina ngokushaya.

Lo mdlali ogijima kwesokudla uchithe ubusuku bangoLwesibili ezitokisini zamaphoyisa eSebenza ngase-Kempton Park. Uvele eNkantolo yeMantshi yase-Kempton Park ngoLwesithathu ngamacala amabili elokushaya kanye nelodlame lwasekhaya.

UPhakamani ubegijima kuSundowns ngaphambi kokuthi abolekiswe kuChippa United ngo-2021.

Umthombo osondelene nalezi zithandani ongathandanga ukudalulwa utshele i-Scrolla.Africa ukuthi laba bebesemzini wabo ngase-Edenvale ngesikhathi bexabana bebebanga i-microwave.

Ngemuva kokubikela amaphoyisa, intombi kaPhakamani kuthiwa ibifuna ukuhoxisa amacala kodwa inkantolo yanqaba ngoba udlame lwasekhaya luthathwa njengecala elibucayi.

UPhakamani, omqeqeshi wakhe uGavin Hunt oke wambiza ngesilomo sebhola, usanda kuba sematheni ngezinsolo zamampunge ngeminyaka yakhe.

Lo mdlali ozohlanganisa iminyaka engu-27 ngoMandulo uqale umsebenzi wakhe kuBidvest Wits wajoyina iqembu elikhulu ngo-2015.

Ujoyine iqembu lase-Afrika i-Al Ahly ngo-2017 wadlulela kuSundowns ngemuva konyaka.

Esithombeni esingenhla: UPhakamani Mahlambi.

Umthombo wesithombe: Phakamani Mahlambi/Instagram

Izihloko zakamuva