Owayengumdlali webhola likanobhutshuzwayo usedayisa ngomzimba

Celani Sikhakhane

Umdlali webhola owake wasayiniswa kuMaZulu FC usephumele obala ngempumelelo yakhe yokuba ngowesilisa odayisa ngomzimba.

USiya Mbatha (28), uthe ngesikhathi eboshwa ethweswa icala lokudlwengula, impilo yakhe yashintsha. Icala lahoxiswa kamuva, kodwa lokho akuzange kuvimbe ekutheni umsebenzi wakhe othembisayo njengomdlali webhola lezinyawo wehle.

Engasenandawo angabalekela kuyo uMbatha uthe waqala ukudayisela abesilisa kanye nabesifazane umzimba.

Sekuphele iminyaka emithathu kanti umsebenzi wakhe ushintshe kakhulu, futhi uthi akakaze abheke emuva.

“Ngibiza u-R3 000 ngohlelo oluhlanganisa imizuzu engu-20 yokukhumula, ukubhucungwa umzimba wonke kanye nokwenza ucansi amahora amathathu. Selokhu ngaqala ukwenza lo msebenzi, ngenza imali futhi kuba ngcono nsuku zonke,” esho.

Odume ngelikaSiya Entertainer, uthe uthola amakhasimende akhe ngokukhangisa umsebenzi wakhe ezinkundleni zokuxhumana.

Njengomdlali webhola bekulindeleke izinto ezinkulu kuMbatha. Abaseduze naye babekholelwa ekutheni engaba ngomunye wabagadli abahamba phambili beligi. Kodwa-ke, izinto azihambanga njengoba kwakulindelekile. Ugcine ehambile kuMaZulu wayozama inhlanhla kwiPietermaritzburg United kodwa nakhona izinto azimhambelanga kahle.

UMbatha washiya leli qembu wajoyina iHighlands Park FC. Ukuhamba kwakhe kuleli qembu kwaba okokugcina emsebenzini wakhe webhola.

Uthe waqala ukuba nengcindezi futhi ngesinye isikhathi wayenemicabango yokuzibulala.

Ngaphandle komhlahlandlela noma ukulangazelela uMbatha waqala ukuzihlanganisa nabantu abangalungile okwaholela ekutheni aboshwe ngemuva kokusolwa ngokudlwengula.

“Ngangingomunye wabadlali abahamba phambili kuMaZulu FC kanti ikusasa lami laliqhakazile futhi lithembisa ngaleso sikhathi. Kodwa angibanga nayo inhlanhla yokuphumelela ebholeni likanobhutshuzwayo,” esho.

UMbatha uthe ngesikhathi esejele waguqula induku yakhe ngokuyifaka ubuhlalo.

Ngemuva kokukhululwa kwakhe ejele, umngani wakhe ongasekho emhlabeni wamnikeza indlela yokungena emkhakheni wezokungcebeleka wabantu abadala futhi wazama inhlanhla yakhe njengomdansi okhumula izingubo.

Kuthe kusenjalo, umsebenzi wakhe wokudansa ekhumulile waholela ekutheni adayise ngomzimba.

UMbatha, ongubaba wezingane eziyisishagalolunye, uthe umndeni wakhe nentombi yakhe bayameseka ngomsebenzi awenzayo. Kodwa-ke, kwakungenjalo ngaso sonke isikhathi. Owayeyintombi yakhe ngaleso sikhathi wamyeka ngesikhathi eqala umsebenzi.

“Kwadingeka ukuthi ngiyeke umuntu engangimthanda ngokweqiniso ukuze ngijahe imali. Ngaphinde ngalahlekelwa ilungelo lokukhulisa izingane zami ngenxa yalo msebenzi. Kwakuyisinqumo esinzima kodwa ngangincamela ukuba nemali ngibizwe ngamagama kunokuthi ngihlale ebudlelwaneni engizobizwa ngobaba ongenamali nongenamsebenzi kubo,” kuchaza uMbatha.

Ngalo msebenzi uthi ukwazile ukwakhela umama wakhe umuzi omkhulu eMgungundlovu.

Uthe akaziboni eyeka lo msebenzi.

Uthe iningi lamakhasimende akhe izivakashi eziphuma kwamanye amazwe, ikakhulukazi e-Dubai.

“Ngiyaziqhenya ngobumina futhi maduze nje ngizolobola intombi yami ngoba iyangeseka kakhulu kwengikwenzayo,” esho.

UMbatha unethemba lokuthi ngelinye ilanga uzovula inkampani yakhe yezocansi anikeze intsha ithuba lokuqashwa.

Izihloko zakamuva