Owayengumdlali webhola kulindeleke ukuthi aseke uMengameli 

Umdlali webhola osanda kuthatha umhlalaphansi uMesut Özil kulindeleke ukuthi asize uMengameli wase-Turkey uRecep Erdoğan emkhankasweni wakhe wokuphinde aqokwe.

U-Erdoğan usephathe iminyaka engamashumi amabili, kodwa ubuholi bakhe busengozini ngaphambi kokhetho oluzayo njengoba ukuvota ku-inthanethi kuphakamisa ukuthi imbangi yakhe uKemal Kilicdaroglu uyena oyintandokazi ukunqoba ukhetho.

Emzamweni wokuhlenga amathuba akhe okuhlala embusweni, u-Erdoğan uphakamise ukuthi kungase kube namagama abengalindelekile ohlwini lwabazokhethwa ePhalamende, okuhlanganisa nosaziwayo wezemidlalo odume kakhulu.

Kunamahlebezi asabalele okuthi u-Özil oneminyaka engu-34 ubudala owawina iNdebe Yomhlaba, uyena ozolethwa ukuze ahlenge uMengameli okhona.

Lowo owayedlalela i-Real Madrid kanye ne-Arsenal useke wakhombisa ukweseka u-Erdoğan, ikakhulukazi njengoba ethathe umhlalaphansi ebholeni lamazwe ngamazwe ngo-2018.

U-Özil ukhethe ukumela i-Germany esigabeni sebhola lamazwe ngamazwe. Umkhulu ka-Özil wathuthela e-Germany phakathi namagagasi okuqala e-gastarbeiter ngezikhathi zokufuduka kwabasebenzi ngo-1950.

U-Özil udlalele i-Germany imidlalo engu-92, okuhlanganisa nokuwina iNdebe Yomhlaba ye-Fifa ka-2014.

Ubudlelwano bakhe noMengameli wase-Turkey budonse ukugxekwa okukhulu, ngesikhathi u-Erdoğan ebonakala njengophambili kubakhaphi ba-Ozil emshadweni wakhe ngo-2019.

Ngaphambi kwalokho, laba bobabili bahlela ukushutha isithombe esasizoqeda isikhathi sika-Özil neqembu lesizwe lase-Germany njengoba wayebhekene nenqwaba yokuhlukunyezwa ezinkundleni zokuxhumana.

U-Özil uchithe izikhathi zomsebenzi wakhe edlalela i-Fenerbahce ne-Istanbul Basaksehir, amaqembu amabili aziwa ngokuthokozela umusa kaMengameli.

U-Özil uthathe umhlalaphansi emasontweni amabili edlule futhi uzohlala ethathwa njengomunye wabadlali bebhola abahlonishwa kakhulu esizukulwaneni samanje.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe ngenhla: UMesut Özil noMengameli wase-Turkey u-Erdoğan

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva