Owayengumdlali we-Man United ubhekene nejele

Owayengumdlali wasesiswini we-Manchester United, u-Anderson, owake waba ngumpetha we-Premier League, manje uzithola esenkingeni enkulu ngaphandle kwenkundla.

Lesi sihlabani sase-Brazil siyalelwe ukuba sikhokhe isikweletu sesondlo sengane esingu-£45,000 (R1-million) e-Porto Alegre, e-Brazil, noma sibhadle ejele. Manje u-Anderson unezingane eziyisishiyagalolunye.

Lo mdlali oneminyaka engu-36 ubudala, owawina izicoco ezine ze-Premier League ne-Manchester United, unezinsuku ezingu-30 zokukhokha le mali noma athunyelwe ejele lase-Irmão Miguel Dário.

Uma ehluleka ukukhokha, angafakwa ngaphansi kohlelo lwejele ‘elivulekile’, elimvumela ukuthi asebenze emini kodwa abuyele ejele ebusuku.

Lokhu akukona okokuqala lo mdlali ephambana nomthetho. Ngo-2020, wabandakanyeka ecaleni lokushushumbisa imali engu-£4.7-million (R110-million) i-cryptocurrency.

Ngemva kokuphila impilo yobukhazikhazi, okuhlanganisa nokuhlala noCristiano Ronaldo kanye noNani, impilo ka-Anderson isicishe yaphenduka yabheka phansi.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Esithombeni esingenhla: U-Anderson.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva